Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 IBafana ihlela ukuyijijimeza kanzima i-Egypt

IBafana ihlela ukuyijijimeza kanzima i-Egypt

by | 26 December 2025

SENZO SOKHELA

UTHEMBISA lukhulu uLyle Foster ongumgadli weBafana Bafana ofunge wagomela ukuthi bazoyijijimeza kanzima i-Egypt koka-group B ngoLwesihlanu ngo-17h00 eMorocco.
IBafana iya kulo mdlalo nje, iwuvule kahle lo mqhudelwano ishaya ngo-2-1 i-Angola ngoMsombuluko ebusuku.
UFoster – oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo emuva kokushaya igoli eliyiwinisile – uthe
kabagculisanga ngendlela abadlale ngayo isiwombe sokuqala bebhekene ne-Angola, uthi bebengahlangene.
“Sibe ngcono ngesiwombe sesibili sakwazi nokuthola igoli lesibili.
“Kulo mdlalo we-Egypt abantu bazobona into yamehlo.
“I-Egypt iyiqembu elihlonishwayo kodwa thina ngeke siyinike leyo nhlonipho, sizoyijijimeza umdlalo uqala uze uyophela.
“Noma kanjani sizobuya nawo egcwele amaphuzu kulo mdlalo,” esho.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...