Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Lizingqokloze ngenhlamvu iphoyisa elidubule umkalo’

‘Lizingqokloze ngenhlamvu iphoyisa elidubule umkalo’

by | 30 July 2025

NGUNKK Malethola Moutsoa odutshulwe wabulawa ngumyeni wakhe ngaphambi kokuzidubula naye (umyeni).


KUBATSHAZWA isihluku sephoyisa okuthiwa lidubule labulala inkosikazi yalo, maqede lazingqokloza ngenhlamvu nalo. Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke emzini wabo oseNazaretha, ePinetown, ngeledlule.

Kuthiwa umufi uNkk Malethola Moutsoa ubehlala KwaZulu-Natal, umyeni wakhe uMnu NJ Moutsoa ehlala eNorth West, esebenzela esiteshini samaphoyisa iKanana.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, isigameko senzeka nje, indoda ibivakashile emzini wayo.

ILANGA lithole ukuthi leli phoyisa lisebenzise isibhamu esingekho emthethweni ngesikhathi
libulala inkosikazi yalo. Akucaci ukuthi yini imbangela yokudubula umkalo, kodwa leli phephandaba lithole ngemithombo yalo ukuthi ingxabano phakathi kwabo isuswe wukuthi iphoyisa belifuna ukuthatha inkosikazi yesibili, inkosikazi ingahambisani nalokho.

Ngosuku lwesigameko, kuthiwa lona wesifazane obesebenza njengesicishamlilo ePinetown, ubewasha izingubo emnyango ngesikhathi kufika umyeni wakhe, kwasuka ingxabano.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Paul Magwaza, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa asePinetown aphenya icala lokubulala, nelokutholakala kwesibhamu esingekho emthethweni.

Uthi kube sekuvulwa nedokodo ngokufa komuntu.

Ezisematheni

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...

Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uDj Warras

Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uDj Warras

IZITHANDANI ezibhekene necala lokubulala uDJ Warras, waseVryheid, zivela namuhla enkantolo, eGoli. UVictor Majola, uHlengiwe Buthelezi, noArmando Pacula, kuthiwa babephambili ekuhleleni nasekusocongweni kwalo DJ. Ngaphandle kokuba nguDJ, uWarras ubenenkampani yonogada...