Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Lizingqokloze ngenhlamvu iphoyisa elidubule umkalo’

‘Lizingqokloze ngenhlamvu iphoyisa elidubule umkalo’

by | 30 July 2025

NGUNKK Malethola Moutsoa odutshulwe wabulawa ngumyeni wakhe ngaphambi kokuzidubula naye (umyeni).


KUBATSHAZWA isihluku sephoyisa okuthiwa lidubule labulala inkosikazi yalo, maqede lazingqokloza ngenhlamvu nalo. Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke emzini wabo oseNazaretha, ePinetown, ngeledlule.

Kuthiwa umufi uNkk Malethola Moutsoa ubehlala KwaZulu-Natal, umyeni wakhe uMnu NJ Moutsoa ehlala eNorth West, esebenzela esiteshini samaphoyisa iKanana.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, isigameko senzeka nje, indoda ibivakashile emzini wayo.

ILANGA lithole ukuthi leli phoyisa lisebenzise isibhamu esingekho emthethweni ngesikhathi
libulala inkosikazi yalo. Akucaci ukuthi yini imbangela yokudubula umkalo, kodwa leli phephandaba lithole ngemithombo yalo ukuthi ingxabano phakathi kwabo isuswe wukuthi iphoyisa belifuna ukuthatha inkosikazi yesibili, inkosikazi ingahambisani nalokho.

Ngosuku lwesigameko, kuthiwa lona wesifazane obesebenza njengesicishamlilo ePinetown, ubewasha izingubo emnyango ngesikhathi kufika umyeni wakhe, kwasuka ingxabano.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Paul Magwaza, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa asePinetown aphenya icala lokubulala, nelokutholakala kwesibhamu esingekho emthethweni.

Uthi kube sekuvulwa nedokodo ngokufa komuntu.

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...