Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Azobe etelebhela oLundi amahhashi ngempelasonto

Azobe etelebhela oLundi amahhashi ngempelasonto

by | 8 May 2025

AZOKUBE etelebhela ngalempelasonto amahhashi kwiBabanango Rural Horse Racing ehlelwe wumasipala wasoLundi ukuzilungiselela iDundee July.


Kulo mjaho oba minyaka yonke kuzokube kugaduliswana emilenzeni ewu-7 kubangwa isiteki sika-R30 000 kanti umjaho omkhulu uphethe u-R11 000.
Umdlalo wamahhashi usukhule kakhulu KwaZulu-Natal njengoba sekunabantu asebeziphilisa ngawo ukuxosha ikati eziko.
IMeya yasoLundi, uMnu uWilson Ntshangase ithe: “Kuyinto enkulu kuthina singabaholi bomphakathi ukuqinisekisa ukuthi siyasondela emphakathini ikakhulukazi kwintsha ngezemidlalo eyahlukene. Sibhekene nenkinga enkulu yobubha ngakhoke imidlalo efunze lena ibuyisa ithemba kuyo nasemphakathini wonkana.


“Lo mjaho siba nawo minyaka yonke futhi sizoqinisekisa ukuthi uyaqhubeka ngoba umphakathi uyawuthakasela. Siyafisa ukuwubona ukhula kungene abaxhasi. Lo mjaho wandulela iDundee July okuwumjaho omkhulu wasemakhaya, iKing Cetshwayo Rural Horse Racing ekhula ngesikhulu isivinini kanjalo neHarry Gwala Summer Cup okuyimijaho eyishintshe kakhulu impilo yentsha ngenxa yemiklomelo eyikhiphayo ngokwehlukana. Sikhiphe imali ewu-R30 000 ezokube ibangwa emilenzeni eyisikhombisa esinayo.”


Iningi lomasipala besifundazwe banayo imijaho yamahhashi ezindaweni zabo, ngenyanga edlule bezishukana kumjaho waseMtuba kanti maduze kuza iNkandla May neminye eminingi.
Umnyango wezeMidlalo wesifundazwe uthi usiziqalile izinhlelo zeDundee July yanonyaka ezolandela iHollywoodbets Durban July eba minyaka yonke ngoMgqibelo wokuqala kaJuly.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...