Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 IBafana ithembisa ukuziphuzela isobho kwiZimbabwe

IBafana ithembisa ukuziphuzela isobho kwiZimbabwe

by | 29 December 2025

SENZO SOKHELA

IZOLWELA ukuthola igoli kuqala ukugwema ingcindezi iBafana Bafana uma seyibhekene neZimbabwe kowokusonga u-group B namuhla ngoMsombuluko ngo-18h00 eMorocco.
IBafana ukuze ingazitholi sekufanele ilokhu ishaya izibalo, kuzofanele iwunqobe lo mdlalo ukudlulela emzulisaneni womkhululajezi ngaphandle kwezinkinga.
Lokhu kugcizelelwe nanguKhuliso Mudau oyisitobha seBafana othe: “Kufanele senze isiqiniseko sokuthi sikora kuqala ukuze singazifakeli ingcindezi.
Kufanele siqinisekise ukuthi siyawasebenzisa amathuba esiwathola kulo mdlalo ukungena emzuliswaneni olandelayo.”

Komunye umdlalo ka-group B, i-Egypt okuyiyona eqhwakele ngamaphuzu awu-6, izodlala ne-Angola enephuzu elilodwa emdlalweni ozoqala ngawo u-18h00

Ezisematheni

U-O’Sullivan ugcine evelile kwelasePhalamende

U-O’Sullivan ugcine evelile kwelasePhalamende

UCHAZE ngesimo sokugula neminyaka yakhe ewu-70 ubudala njengembangela yokucela ukuthi kuqedwe ngehora lesikhombisa ukuphekwa kwakhe ngemibuzo uMnu Paul O'Sullivan ngesikhathi evela phambi kwekomidi lePhalamende eliphenya ngezinsolo ezenziwa nguLt Gen Nhlanhla...

Inselelo kubazali iDUT yamukela izitshudeni ezintsha

Inselelo kubazali iDUT yamukela izitshudeni ezintsha

UVULE amehlo abazali ukuba bangadembeseli ukuqapha ngeso lokhozi izingane zabo noma zinga-sekho emfundweni yamabanga aphansi. Lokhu kuvezwe ngumphathi waseDurban University of Technology (DUT) uSolwazi Thandwa Mthembu, ezinkundleni zemidlalo iCurries Fountain,...

Kususe umsindo ukukopela kuka-matric

Kususe umsindo ukukopela kuka-matric

ULAKA lwabazali bezi-ngane ezifunda eZweli-njani Secondary School, eNqabeni, eMsinga, seluphaza-mise nezikole ezakhelene nalesi, ngenxa yemibhikisho eyenzeka kule ndawo, kuvalwa imigwaqo, kubangwa ukuthi kayiphumanga imiphumela kamatikuletsheni yabafundi...