Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 Kusinda kwehlela kubadlali beSundowns

Kusinda kwehlela kubadlali beSundowns

by | 4 March 2025

UBALISA ngobunzima obuhaqe abadlali bakhe uMiguel Cardoso ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns eguqise iKaizer Chiefs ngo-1-0 koweBetway Premiership ngoMgqibelo ntambama eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.

Igoli leDowns lishaywe nguLucas Ribeiro.

UCardoso – ubalisa ngobunzima obubhekebe nabadlali bakhe nje – yingoba ezakhe zizobhekana neLamontville Golden Arrows koweligi kusasa ngoLwesithathu ngo-19h30 eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.

“Lo mdlalo ubunzima, iChiefs ize nesu elenze kwanzima kakhulu. Ziningi-ke nokho izinto eziholele ekutheni kube nzima. Abafana bami bebekhathele, kunzima ukuba yithina, imidlalo yethu icinene.

“Indlela abafana bami abebekhathele ngayo, yenze kwabanzima nokuthi sidlale ibhola lethu.

“Kodwa-ke kukhona konke lokho, ngibancengile ukuba bazibambe ziqine. Nangempela benza kanjalo. Nangesikhathi sekhefu sesikorile, ngibacele ukuba babe nesibindi, basebenze ngokubambisana.

“Kasizange sibe nomdlalo omuhle, kodwa sijabule ngempumelelo yekilabhu,” esho.

Uthe umsebenzi kabakawuphothuli, iseyinde indlela ebheke ekuvikeleni ngempumelelo lesi sicoco sabo seligi asebesiqukule amasizini ayisikhombisa elandelana.

“Sibhekene neGolden Arrows manje, kufanele senze isiqiniseko sokuthi abadlali baphumula ngokwanele, yize kungeke kube lula. Kodwa nginesiqiniseko sokuthi nawo lo mdlalo sizowunqoba,” kusho lo mqeqeshi othathe lesi sigqiki okugudluzwe kusona uManqoba Mngqithi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...