Ilanga News
Home 9 Featured 9 Lihlehlile elothweswe elokubulala umholi weMKP

Lihlehlile elothweswe elokubulala umholi weMKP

by | 25 November 2026

UBUYELA enkantolo ngenyanga ezayo othweswe icala lokubulala, umdidiyeli woMkhonto weSizwe Party (MKP) kwiSifunda Ugu, njengoba ebevele eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe namhlanje (ngoLwesithathu).

Ummangalelwa uMnu Lungani Lushaba (44) oboshwe ngesonto eledlule, uthweswe amacala amabili etulo lokubulala namabili okubulala. Kuthiwa uyinkabi eyaqashwa ukubulala uMnu Thobelani “Lastborn” Shazi obengumdidiyeli weMKP kwisifunda Ugu. Kubikwa ukuthi esethole umsebenzi waqasha uMnu Thobani Sydney Gasa ukuthi ayomlekelela ukubulala uShazi.

Emva kokudutshulwa kukaShazi kuthiwa baxabana sebebanga imali, nokuyilapho okuthiwa uLushaba waphinde wadubula wabulala  uGasa, isidumbu sakhe satholwa silahlwe esigangeni eBhobhoyi, ePort Shepstone. Enkantolo namhlanje ubefaka isicelo sebheyili kodwa icala lahlehliswa njengoba kuzolalelwa isicelo sakhe ngomhlaka 3 kuZibandlela (December). Enkantolo eMzumbe ubevele ngecala lokubulala uShazi njengoba kuthiwa lenzeka endaweni yaseMathulini engaphansi koMzumbe. Isizathu sokuhlehliswa kwalo ukuthi ubengenaye ummeli njengoba esafake isicelo sokumelwa ngokahulumeni. Kusasa uya enkantolo yeMantshi yasePort Shepstone lapho eyobhekana khona nelokubulawa kukaGasa. 

Ngeledlule enkantolo uLushaba ubengafuni ukuthwetshulwa izithombe ekhala ngokuthi uma evela emphakathini kungenzeka kuhlaselwe umndeni wakhe njengoba esolwa ngokubulala uShazi ongumholi weMKP obethandwa kwisifunda Ugu. Inkantolo imchithile kuleso sicelo yathi icala abhekene nalo lisenkantolo okuvumeleke namalungu omphakathi ukuthi angene kuyona, akulula ukuthi agcine engaziwa.

tndlovu@ilanganes.co.za

Ezisematheni

Ihlazo kulandwa ‘izinkomo zokwebiwa’ ekhweni

Ihlazo kulandwa ‘izinkomo zokwebiwa’ ekhweni

ISIPHENDUKE indaba egudwini eyomyeni oshaqwe ngamaphoyisa esekhweni, osolwa ngokuthi ulobole ngezinkomo zokwebiwa eziwu-5, emndenini wakwaXulu, eNtinini, eVryheid. ILANGA lithole ukuthi uMnu Buzetsheni Sibiya waseNgoje, eVryheid uvele eNkantolo yasoPhongolo,...

Kulindeleke isinqumo senkantolo ngolwePhala Phala

Kulindeleke isinqumo senkantolo ngolwePhala Phala

KULINDELEKE ukuthi iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ikhiphe isinqumo kusasa (ngoLwesithathu) ngesicelo sikaMengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, ofuna kuchithwe isiphakamiso sesigungu sikaSection 89, esifuna kubhekisiswe indaba yePhala Phala. Lokhu kuza emva kombiko...

Izingxoxo zokubumba uhulumeni, zihlehlise ukuqokwa kwemeya yeTheku

Izingxoxo zokubumba uhulumeni, zihlehlise ukuqokwa kwemeya yeTheku

UKUQHUBEKA kwezingxoxo zokubumba uhulumeni wenhlanganisela yamaqembu kuMasipala weTheku, kuholele ekutheni i-ANC yenze isiphakamiso sokuba ungaqhubeki umhlangano obekufungiswa kuwona amakhansela eDurban Exhibition Centre, namuhla ngoLwesibili, lapho obesekulindeleke...