
KULINDELEKE ukuthi iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ikhiphe isinqumo kusasa (ngoLwesithathu) ngesicelo sikaMengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, ofuna kuchithwe isiphakamiso sesigungu sikaSection 89, esifuna kubhekisiswe indaba yePhala Phala.
Lokhu kuza emva kombiko owakhishwa yilesi sigungu sawuthumela ephalamende ukuthi kuqalwe izingxoxo zokuchithwa uMengameli Ramaphosa. Lesi siphakamiso simisiwe ukuthi siqhubeke ngoMandulo (September) nonyaka emva kokuthi uMengameli Ramaphosa efake isicelo sokuthi sibuyekezwe.
Isinqumo sokuthi kuqale izingxoxo zokungabethembi ubuholi bukaRamaphosa, sikhishwe yiNkantolo yoMthethosisekelo ivuna isigungu sikaSection 89 ukuthi iqhubeke nezinhlelo zokuthi kuchithwe uMengameli Ramaphosa.
Ngokungalusukumeli lolu daba, inkantolo yathi iphalamende lenze okungekho emthethweni njengoba kuyilona okwakumele lilusukumele ngesikhathi luqeda ukwenzeka ngo-2020.
Ngesikhathi ikhipha isinqumo yathi iphalamende kumele lisungule ikomiti elizoqinisekisa ukuthi izinhlelo zokususa uRamaphosa esikhundleni ziyaqhubeka. Ikomiti labunjwa ngamalungu ephalamende aqhamuka kumaqembu epolitiki ehlukene. Selokhu lasungulwa leli komiti awukaze uqhubeke umsebenzi. NgoLwezi (November) wango-2022 owayenguSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula wasungula isigungu esizimele esathola ukuthi kunobufakazi obuqinile ukuthi uMengameli Ramaphosa waphula isigatshana somnthetho u-96 (2) (a) kumthethosisekelo nesigatshana somthetho u-34 (1) ngokufihla uphenyo olwaluqhubeka ngokugqekezwa kwepulazi lakhe iPhala Phala eLimpopo. Lelo thimba laliholwa ngowayeyiNhloko yamaJaji uMnu Sandile Ngcobo. Kwakumele lwenze uphenyo lokuthi umengameli Ramaphosa ngabe wenza icala eliphoqa ukuthi achithwe yini ngokufihla uphenyo







