Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ihlazo kulandwa ‘izinkomo zokwebiwa’ ekhweni

Ihlazo kulandwa ‘izinkomo zokwebiwa’ ekhweni

by | 25 November 2026

ISIPHENDUKE indaba egudwini eyomyeni oshaqwe ngamaphoyisa esekhweni, osolwa ngokuthi ulobole ngezinkomo zokwebiwa eziwu-5, emndenini wakwaXulu, eNtinini, eVryheid.

ILANGA lithole ukuthi uMnu Buzetsheni Sibiya waseNgoje, eVryheid uvele eNkantolo yasoPhongolo, wanqatshelwa ibheyili ngoLwesihlanu ngemuva kokulobola uNkz Sindi Xulu ongunina wezingane zakhe ngoMandulo (September), ngezinkomo eziwu-5 okusolwa ukuthi zazintshontshiwe. Kuthiwa amaphoyisa agasele kwaXulu ehamba nabanikazi be- zinkomo ezebiwe, bafike bazihlonza ngomaka bazo, baqinisekisa ukuthi ngezabo.

ILANGA likhulume noMnu Nqaba Xulu onguyise kamakoti, olilandise ukusuka nokuhlala ngokwenzekile emzini wakhe, obeke kanje: “Ngisekude ukukhohlwa yinto eyenziwe ngumkhwenyana emzini wami. Ungibukanise nomakhelwane, sihlaselwa yinqwaba yezimoto zamaphoyisa zizombopha, bazithatha nezinkomo eziwu-5 alobole ngazo,” echaza.

Uthi indodakazi yakhe ibisinesikhathi eside ithandana noyise wezingane zayo. Uthi ngoMandulo wathumela abakhongi ukuba bayomcelela isihlobo esihle.

“Ngajabula ngokungena kwezinkomo ekhaya. Ngaze ngashisa impepho, ngayobika emsamo ukuthi sekunezinkomo egcekeni, okulotsholwe ngazo indodakazi yami. Sekufanele ngiphinde ngiyobika ukuthi izinkomo kazisekho, amaphoyisa asezithathile,” esho.

Uqhube wathi umkhwenyana ubesefana nendodana yakwakhe, njengoba ebesekhokhile ngezinkomo. Uthi ubefika alale, bangabi nayo inkinga njengoba amaphoyisa embophele emzini wakhe (ekhweni). Uthi yize bebazi ukuthi umkhwenyana akasebenzi, kodwa bebazi ukuthi unomhlambi wezinkomo kubo, ufuyile.

UXulu ukhale ngokuthi ichilo elenziwe ngumyeni wendodakazi yakhe, akazi ukuthi uzolicisha kanjani. Uthi akaboni ukuthi uyomxolela ngento ayenze emndenini wakhe. Uthi ngisho angaphuma ejele ayocela ukulobola kabusha, ngeke esamvumela ngoba akasamethembi.

“Indodakazi yami iphoxekile, isaba ngisho ukubhekana nabantu ngento eyehlele,” usho kanje.

ILANGA lithole ukuthi kule ndawo wumkhuba owandile ukwebiwa kwemfuyo ihlatshwe, inyama idayiswe ngamanani aphansi. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uSgt Thenjiswa Ngcobo, ucele ukuthunyelelwa imibuzo ngalolu daba kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakayiphenduli.

Ezisematheni

Kulindeleke isinqumo senkantolo ngolwePhala Phala

Kulindeleke isinqumo senkantolo ngolwePhala Phala

KULINDELEKE ukuthi iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ikhiphe isinqumo kusasa (ngoLwesithathu) ngesicelo sikaMengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, ofuna kuchithwe isiphakamiso sesigungu sikaSection 89, esifuna kubhekisiswe indaba yePhala Phala. Lokhu kuza emva kombiko...

Izingxoxo zokubumba uhulumeni, zihlehlise ukuqokwa kwemeya yeTheku

Izingxoxo zokubumba uhulumeni, zihlehlise ukuqokwa kwemeya yeTheku

UKUQHUBEKA kwezingxoxo zokubumba uhulumeni wenhlanganisela yamaqembu kuMasipala weTheku, kuholele ekutheni i-ANC yenze isiphakamiso sokuba ungaqhubeki umhlangano obekufungiswa kuwona amakhansela eDurban Exhibition Centre, namuhla ngoLwesibili, lapho obesekulindeleke...

Ubuyela enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga uMokgotsi

Ubuyela enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga uMokgotsi

UBUYELA enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga ngaphansi kwesifungo usomabhizinisi waseNorth West, uMnu Brown Mokgotsi. UMokgotsi usolwa ngokuqamba amanga ngesikhathi ethula ubufakazi kwikhomishana kaMadlanga. Uzovela namuhla enkantolo yeMantshi yasePitoli...