Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ibhangengodla linqume ukungayehlisi inzalo yemalimboleko

Ibhangengodla linqume ukungayehlisi inzalo yemalimboleko

by | 20 March 2025

BAPHOXEKILE abathengi abebefisa ukuthi ibhangengodla, iSouth African Reserve Bank (SARB), liphinde liyehlise inzalo yemalimboleko.

NgoLwesine uMnu Lesetja Kganyago, onguMbusi weSARB, umemezele ukuthi inzalo yemalimboleko ngeke ishintshwe.

Lesi sinqumo sithathwe yikomidi leSARB eliqondene nemigomo yokwebolekisa ngemali, elibizwa ngeMonetary Policy Committee. Njengamanje izinga lenzalo yemalimboleko ekhokhwa ngamabhange eSARB ihleli ku-7.5%, kanti izinga lenzalo yemalimboleko ekhokhishwa abathengi ngamabhange ihleli ku-11%.

Ngesikhathi enza lesi simemezelo, uKganyakgo ubalule ukuthi ngenxa yezizathu ezibandakanya ukungazinzi kwesimo somnotho emhlabeni, baphoqeleka ukuba baqaphele kakhulu ngomnyakazo abawenzayo enzalweni yemalimboleko.

I-SARB igcine ukwehlisa inzalo yemalo mboleko ngo-25 basis points (0.25%) ngoMasingana (January).

Kanti kunesikhalo emphakathini sokuthi isephezulu inzalo yemalimboleko, ngakho kudinga ukuba yehliswe ukuze kwehle umthwalo kubathengi.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...