Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ibhangengodla linqume ukungayehlisi inzalo yemalimboleko

Ibhangengodla linqume ukungayehlisi inzalo yemalimboleko

by | 20 March 2025

BAPHOXEKILE abathengi abebefisa ukuthi ibhangengodla, iSouth African Reserve Bank (SARB), liphinde liyehlise inzalo yemalimboleko.

NgoLwesine uMnu Lesetja Kganyago, onguMbusi weSARB, umemezele ukuthi inzalo yemalimboleko ngeke ishintshwe.

Lesi sinqumo sithathwe yikomidi leSARB eliqondene nemigomo yokwebolekisa ngemali, elibizwa ngeMonetary Policy Committee. Njengamanje izinga lenzalo yemalimboleko ekhokhwa ngamabhange eSARB ihleli ku-7.5%, kanti izinga lenzalo yemalimboleko ekhokhishwa abathengi ngamabhange ihleli ku-11%.

Ngesikhathi enza lesi simemezelo, uKganyakgo ubalule ukuthi ngenxa yezizathu ezibandakanya ukungazinzi kwesimo somnotho emhlabeni, baphoqeleka ukuba baqaphele kakhulu ngomnyakazo abawenzayo enzalweni yemalimboleko.

I-SARB igcine ukwehlisa inzalo yemalo mboleko ngo-25 basis points (0.25%) ngoMasingana (January).

Kanti kunesikhalo emphakathini sokuthi isephezulu inzalo yemalimboleko, ngakho kudinga ukuba yehliswe ukuze kwehle umthwalo kubathengi.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...