Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Imbibizane kwabebechibiyela u-matric esikhungweni esiseDUT

Imbibizane kwabebechibiyela u-matric esikhungweni esiseDUT

by | 26 October 2025

BAHLANGABEZANE nembibizane abafundi baka-matric abachibiyelayo, bengayitholi i-time table yokubhala izivivinyo zabo zokuhlolelwa ukuphela konyaka.

Batshelwe ukuthi sebezobhala ngoNhlangulana wangonyaka ozayo abafundi baseDUT Matric Scholars – okuyisikole esizimele esisebenzela ngaphakathi eDUT – eselekelela abafundi abaphucula imiphumela yabo kamatikuletsheni, abasuke bengaphasanga kahle eminyakeni edlule.

Lezi zinkinga zidine abazali njengoba bebelindele ama-time table ezingane zabo, bathola izincwadi ezibazisa ukuthi izingane kazibhalisekanga ohlwini lukamatikuletsheni ozobhala kulo nyaka.

Omunye wabazali okhulume neLANGA Lempelasonto uNkz Nonkululeko Zungu, uthe uzomelwa yinhliziyo ngenxa yobuhlungu abuzwayo. Uthi ukhokhe u-R7 500 wonyaka kulesi sikole. Uthi ngokuhamba kwesikhathi batshelwe ukuthi mabangeze u-R1 000 wokukhokhela isikhungo okuzobhalelwa kusona.

Uthi ngesikhathi kuqala unyaka, kwakucacisiwe ukuthi abafundi kuzomele bayobhalela ezikoleni ababefunda kuzona umatikuletsheni. Uthi ngokuhamba kwesikhathi, umnikazi wesikole utshele abafundi ukuthi usebatholele isikhungo abazobhalela kusona.

“Uma sibuza kumnikazi wesikole ukuthi kungani edlale ngesikhathi sezingane zethu unyaka wonke, uthi kunesikhulu kwezemfundo esasithe sizomlekelela ukubhalisa abantwana. Inkinga ekhona wukuthi leso sikhulu akasasitholi uma ezama ukuxhumana naso,” kusho umzali.

Uthi noma sebengabuyiselwa imali ‘abaqolwe’ yona, kodwa abafundi sebelimele.

Ethintwa yileli phephandaba umnikazi wesikole uNkz Nombuso Mtshali, akatholakalanga, ucingo lwakhe lubanjwe ngudadewabo uNkz Nokwazi Mtshali. UNokwazi uthe babezama ukusiza abafundi ngoba babekhala ngokuthi ezikoleni ababefunda kuzona kabafuni ukubabhalisa ohlwini oluzobhala ekupheleni konyaka.

“Abafundi kababhalisekanga kwezemfundo,” kusho uNokwazi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi, akatholakalanga ukuphawula njengoba ucingo lwakhe belukhala, kodwa lungabanjwa.

Ezisematheni

Amanesi athathele isiguli umasingcwabisane ngomgunyathi

Amanesi athathele isiguli umasingcwabisane ngomgunyathi

UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal usuqinisekise ukuthi uyalwazi udaba lonesi abawu-3 basesibhedlela i-Appelsbosch abathathele isiguli umshwalense. Umnyango uthi uthole isikhalo emndenini wakwaMbatha obusola onesi ngokuthathela indodana yabo engasekho, uNduduzo Mbatha...

Umunyu unina kamufi ebuza umbulali ngamazwi okugcina endodakazi

Umunyu unina kamufi ebuza umbulali ngamazwi okugcina endodakazi

KUVELE ukuthi ubengumuntu womndeni futhi ehola itshe lemali emsebenzini abewenza, owesilisa olahlwe ngamacala okudlwengula nokubulala isitshudeni esasenza izifundo zokushayela amabhanoyi, okuthiwa sasinezinyanga ezinhlanu sikhulelwe amawele. Lokhu kuvele ngoLwesibili...

Isexwayiso kwabaka-matric ngombombayi bamaphepha

Isexwayiso kwabaka-matric ngombombayi bamaphepha

UHLABA ikhwelo umnyango wezeMfundo KwaZulu, wexwayisa abafundi bakamatikuletsheni, ngokusabalala kombombayi bamaphepha asuke engakabhalwa, ezivivinyo zokuphela konyaka. Umnyango uthi abafundi ababhalayo kumele baqikelele ukuthi bayaziqhelelanisa nezinkundla...