Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Imbibizane kwabebechibiyela u-matric esikhungweni esiseDUT

Imbibizane kwabebechibiyela u-matric esikhungweni esiseDUT

by | 26 October 2025

BAHLANGABEZANE nembibizane abafundi baka-matric abachibiyelayo, bengayitholi i-time table yokubhala izivivinyo zabo zokuhlolelwa ukuphela konyaka.

Batshelwe ukuthi sebezobhala ngoNhlangulana wangonyaka ozayo abafundi baseDUT Matric Scholars – okuyisikole esizimele esisebenzela ngaphakathi eDUT – eselekelela abafundi abaphucula imiphumela yabo kamatikuletsheni, abasuke bengaphasanga kahle eminyakeni edlule.

Lezi zinkinga zidine abazali njengoba bebelindele ama-time table ezingane zabo, bathola izincwadi ezibazisa ukuthi izingane kazibhalisekanga ohlwini lukamatikuletsheni ozobhala kulo nyaka.

Omunye wabazali okhulume neLANGA Lempelasonto uNkz Nonkululeko Zungu, uthe uzomelwa yinhliziyo ngenxa yobuhlungu abuzwayo. Uthi ukhokhe u-R7 500 wonyaka kulesi sikole. Uthi ngokuhamba kwesikhathi batshelwe ukuthi mabangeze u-R1 000 wokukhokhela isikhungo okuzobhalelwa kusona.

Uthi ngesikhathi kuqala unyaka, kwakucacisiwe ukuthi abafundi kuzomele bayobhalela ezikoleni ababefunda kuzona umatikuletsheni. Uthi ngokuhamba kwesikhathi, umnikazi wesikole utshele abafundi ukuthi usebatholele isikhungo abazobhalela kusona.

“Uma sibuza kumnikazi wesikole ukuthi kungani edlale ngesikhathi sezingane zethu unyaka wonke, uthi kunesikhulu kwezemfundo esasithe sizomlekelela ukubhalisa abantwana. Inkinga ekhona wukuthi leso sikhulu akasasitholi uma ezama ukuxhumana naso,” kusho umzali.

Uthi noma sebengabuyiselwa imali ‘abaqolwe’ yona, kodwa abafundi sebelimele.

Ethintwa yileli phephandaba umnikazi wesikole uNkz Nombuso Mtshali, akatholakalanga, ucingo lwakhe lubanjwe ngudadewabo uNkz Nokwazi Mtshali. UNokwazi uthe babezama ukusiza abafundi ngoba babekhala ngokuthi ezikoleni ababefunda kuzona kabafuni ukubabhalisa ohlwini oluzobhala ekupheleni konyaka.

“Abafundi kababhalisekanga kwezemfundo,” kusho uNokwazi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi, akatholakalanga ukuphawula njengoba ucingo lwakhe belukhala, kodwa lungabanjwa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...