Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Uzohlonishwa ngamahora ayisipesheli owayengumsakazi woKhozi FM

Uzohlonishwa ngamahora ayisipesheli owayengumsakazi woKhozi FM

by | 7 March 2025

UZOHLONISHWA ngamahora amabili ayisipesheli owabe engumsakazi woKhozi FM u-Irvin Sihlophe emcimbini walo nyaka wePhasika obizwa ngokuthi Uvukile Gospel Festival ozoba ngomhla ka-20 ku-April eSport and Leisure eGamalakhe.

Lo mcimbi owenzeka minyaka yonke uSihlophe ungomunye wabasunguli bawo ngokubambisana noPastor Mjosty ongusomahlaya futhi ongumlingisi wemidlalo kamabonakude.

USihlophe owethule izinhlelo ezahlukene oKhozini okubalwa kuzo olwezenkolo nolwezemidlalo udlule emhlabeni ngoNovember 2023 ngemuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi.

Umcimbi walo nyaka wethulwe ngokusemthethweni ngoLwesine eKZN Music House lapho uMjosty edalule izinhlelo zalo nyaka.

Ekhuluma kulo mcimbi obuhanjelwe yizintatheli nabanye babaculi uMjosty uthe kulo nyaka bahlonipha uSihlophe ngamahora amabili ayisipesheli lapho bezonika khona abaculi ababili ihora umculi ngamunye.

“Phambilini besiba neGolden Hour lapho umculi besimnika ihora lonke lokwenza akuthandayo kulona. Uma ethanda ubemema abanye abaculi bezocula naye noma ngabe baqhamuka kuluphi uhlobo lomculo. Kulo nyaka sikhethe ukuthi sishintshe ukwenza sibe ne-Irvin Sihlophe Platinum Hour lapho siqoke abaculi ababili ukuthi babe namahora abazobusisa ngawo abantu,” kuchaza uMjosty.

Uthe la mahora bazowahlukanisa kabili njengoba umculi wokuqala ezoqala ashaye elakhe ihora bese siba nelinye futhi omunye azolisebenzisa.

UMjosty uthe kulo nyaka baqoke uSgwili Zuma no-Ayanda Ntanzi ukuba kube yibona abazothokozisa abantu kwi-Irvin Sihlophe Platinum Lounge.

“Sisebenzise izinkundla zokuxhumana zethu ukuqoka laba baculi njengoba iningi labantu abasilandelayo kuzona bezikhethele bona ukuthi bangathanda ukubona uSgwili no-Ayanda kula mahora ayisipesheli,” kuchaza uMjosty.

Udalule ukuthi uyabethemba laba baculi ukuthi bazokwenza ezibukwayo kula mahora ikakhulukazi njengoba ebalulekile kulo mcimbi.

“La mahora asezinhliziyweni zethu ngakho siyazi ukuthi laba baculi bazowahlonipha nabo ngokuthi bawathathele phezulu. Siyawazi amagalelo kaSgwili emculweni kanjalo naka-Ayanda njengoba esanda kwenza izimanga e-ICC eqhamuka elenga phezulu, asazi ke ukuthi kuVukile uzongena kanjani,” kusho uMjosty.

Kulo nyaka uMjosty uveze ukuthi kuboshelwe abaculi abanohlonze njengoba phakathi kwalabo abazojabulisa abantu kubalwa uBabo, Hlengiwe Mhlaba, Andile kaMajola, Abanqobi, Nathi Sithole, Jumbo, Avante, Malusi Mbokazi, Fikile Mlomo, Thembinkosi Booi nabanye.

Amathikithi alo mcimbi aseqalile ukutholakala eComputickets ngoR150 ajwayelekile nawezicukuthwane ngoR500.

UMjosty uthe ngenxa yokuthi lo mcimbi uzobe ungaphakathi ehholo balindeleke abantu abafinyelela ku-2000 ngakho unxusa abantu basheshe bawathenge ukuze bangazitholi bencela izithupha.

“Ngeshwa ngeke sikwazi ukweqa esibalweni esibekelwe sona ngenxa yokuvikela abantu singabi nesiminyaminya,” kushona uMjosty ebonga abaxhasi bomcimbi okubalwa kubo uMasipala iRay Nkonyeni noMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu Natal.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...