Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ICebolethu noMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nohlelo lokufukula osomabhizinisi abancane

ICebolethu noMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nohlelo lokufukula osomabhizinisi abancane

by | 23 February 2026

KUZOHLOMULA osomabhizinisi abancane ngobudlelwano benkampani iCebolethu Group noMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, kulandela isivumelwano sabo sokusebenzisana. Lokhu kuvele ngoMsombuluko, ngesikhathi isikhulu esiphezulu seCebolethu Group, uNkk Nomfundo Mcoyi-Zondo, noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho esifundazweni, uMfu Musa Zondi, bethule ngokusemthethweni uhlelo iEkasi Business Fair, oluba khona okokuqala elokishini lase-Hammarsdale ngomhlaka 6 no 7 kuMarch nonyaka. Ekhuluma uZondi, uveze ukuthi kuningi okuzozuzwa osomabhizinisi abancane kuloluhlelo.

“IHammarsdale ilokishi okwazalwa kulo iCebolethu njengoba selilikhulu kangaka. Ngaloluhlelo sihlose ukuphinde sikhuphule abanye osomabhizinisi basemalokishini nabo bagcine bebakhulu. Uhlelo lwethu ngeke lugcine eHammarsdale kuphela kodwa sizolubona nakwamanye amalokishi. Ukucacisa kancane nje ngokuzokwenzeka kulezi zinsuku ezimbili, siyobe siqeqesha osomabhizinisi ngemikhakha eyehlukene yamabhizinisi, izindlela abangakhulisa ngazo amabhizinisi abo kanye nokuphathwa kwawo. Ngokujwayelekile osomabhizinisi abadinga uxhaso kuyaye kube yibo abeza emahhovisi ethu kodwa kulokhu sithathe isinqumo sokuthi kube yithi esiya kubo noxhaso. Siyobe sesibachushisa ngemigudu efanele ukuze bakwazi ukuhlomula kulo,” esho.

UNkk Mcoyi-Zondo, uthi inhloso yakhe enkulu ngaloluhlelo wukubona osomabhizinisi abancane bephakama.

“Ngesikhathi ngisungula iCebolethu Foundation ngo-2015, ngangihlose ukuphakamisa nabanye osomabhizinisi, kungabi yiCebolethu kuphela eliphezulu. Kuloluhlelo kuningi okuzozuzwa osomabhizinisi nangemikhakha okumele bayilandele ukuze bazithuthukisa. Isibonelo nje, kunenkampani ekhona edinga abantu abazoyenzela iLandscaping kodwa osomabhizinisi abaningi abayenzi, bagcwele kakhulu emikhakheni yoku-clean nokunye. Kulo loluhlelo izihlambeli ziyophinde zihlomule ngomlando wabanye bosomabhizinisi ababevelele baseHammarsdale,” kusho uNkk Zondo-Mcoyi.

Ezisematheni

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

INHLANGANO eqhuba umkhankaso wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha, iMarch and March imemezele ukhukhulela ngoqo wemashi yamadoda ukulwa nokuhlukunyezwa nokubulawa  kwabesifazane ezoba ngomhlaka 30 kuMandulo (September). USihlalo obambile weSA...

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseThekwini owesilisa (46) othweswe amacala angu-16 okudlwengula abesifazane eCato Manor nasezindaweni ezakhele yona. Lo wesilisa ubevele enkantolo ngoMsombuluko emva kokuboshwa ngoMgqibelo. Inkantolo ithe uzobuya kuyona...

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...