Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ezinye zezinto ezingagugisa iphakethe lakho ngalesi sikhathi samaholide

Ezinye zezinto ezingagugisa iphakethe lakho ngalesi sikhathi samaholide

by | 3 December 2025

ASEFIKILE amaholide kaKhisimusi, kuguga iphakethe endodeni! Abathengi bexwayiswa yisikhungo iConsumerWise, ukuthi baqaphele lezi zinto ezilandelayo, “ezingagugisa iphakethe” labo njengoba kusemaholidini kaKhisimusi.

Ukusetshenziswa kuka-petrol, ugesi, amanzi, nezivakashi ezifika zingahlelelwe.

Uma wena mthengi ungakavali emsebenzini, ubuvamise ukusebenzisa imali ewu-R3 000 ngo-petrol wenyanga. Uma uya noma usubuya emsebenzini, udlule ejimini, uyozivocavoca, uhambele nemicimbi emqoka, uyothenga, futhi udle ngaphandle nomndeni wakho. U-petrol ozowusebenzisa ngalesi sikhathi sonyaka, qaphela ukuthi ungagcini usuba yimali ephindiwe kunaleyo ovamise ukuyisebenzisa.

Abeluleki babathengi, bathi okungenani uma nifuna ukuthatha uhambo nabangani noma nezihlobo, hambani ngemoto eyodwa, ngoba lokho kuyawonga u-petrol. Kwelulekwa abathengi ukuthi bagweme izindlela ezingenasidingo, ezingagcina zibenze basebenzisa u-petrol ngokweqile.

Kuthiwa noma unesizungu kangakanani, zehlise, ugibele izithuthi zomphakathi ngenhloso yokonga u-petrol, noma ungakujwayele lokhu, kodwa kuzame ngoba kuyawonga.

Ugesi usetshenziswa kakhulu ngalesi sikhathi sonyaka ngoba abantu kabayile emisebenzini nasezikoleni. Abathengi belulekwa ukuthi uma beya emabhishi, nasezinxanxatheleni zezitolo (malls), bacishe ama-geyser, ngoba yiwona asebenzisa kakhulu ugesi.

Abantu uma bengekho emsebenzini, bakhonze ukosa inyama, abanye kabasebenzisi amalahle, kodwa baxhuma izitofu zikagesi. Abashana noma abazukulu, bayathanda ukubuka “opopayi” kumabonakude ukusuka ekuseni lize liyoshona ilanga.

Thina bantu, sinobuntu, siyazazisa izihlobo nabangani, kodwa uma sebethatha umusa nokuba mnene kwakho, lokho kugcina sekushaya iphakethe lakho. Amanzi nogesi kuyakhokhelwa, ngakho abantu abazofika bengahlelelwe, bethi bavakashile, bayinkinga.

Ulwazi lucashunwe kwiConsumer Wise

Ezisematheni

UNtuli nezingxoxo zokubuyisana kuhlaselwa abe-IFP

UNtuli nezingxoxo zokubuyisana kuhlaselwa abe-IFP

IQEMBU iNkatha Freedom Party (IFP), kwaZulu-Natal ligxeka isigameko sokushaywa kulinywazwe amalungu aleli qembu amathathu, abekhankasa eZingolweni, kwaNyuswa, kuWard 34. Lesi sigameko senzeke ngesikhathi amavolontiya e-IFP ekhankasa ngeSonto kule ndawo. Laba abebenza...

Ibalulekile indima edlalwa yimithi yesintu ekwelapheni

Ibalulekile indima edlalwa yimithi yesintu ekwelapheni

IMITHI yesintu iyingxenye yempilo yabamnyama. Kwesinye isikhathi uyaye uthole ukuthi abanye baze bangabaze ukusebenzisa imithi yasentshonalanga, ngenxa yokukholelwa ekutheni isebenza kangcono eyesintu.Kusukela mhla ka-26 kuya kumhla ka-31 August, kusuke kubungazwa...

Owodumo lohlelo lwe-TV ugaqele esobumeya eMhlathuze

Owodumo lohlelo lwe-TV ugaqele esobumeya eMhlathuze

UMENYEZELWE njengozomela iDemocratic Alliance esikhundleni sobumeya eMhlathuze, uRob Bentele (osezithombeni) owazakhela udumo enqoba ohlelweni lukamabonakude iSurvivor South Africa. UBentele uzakhele udumo ngo-2019 enqoba kulolu hlelo obelukhonjiswa esiteshini...