
INKANTOLO yesiFunda yasePort Shepstone igwebe uMpumelelo Shusha (45) iminyaka ewu-23 emuva kokuvuma amacala okugqekeza ngenhloso yokubamba inkunzi nokubamba inkunzi ngesihluku. Izigameko zenzeka ePort Edward ngoNovember ka-2023.
Ubufakazi obuthulwe enkantolo buveza ukuthi ngo-24 November 2023, umgilwa oneminyaka ewu-75 wayelele emzini wakhe ngesikhathi uShusha nabanye ababili bengena ngendlovu yangena. Babehlome ngocelemba nezinye izikhali, bashaya umgilwa, bathatha impahla yakhe ebiza ngaphezu kuka-R38 000, babaleka.
Udaba lwabikwa emaphoyiseni, uShusha nabanye ayenabo baboshwa. Kwaba nohlelo lokukhonjwa kwabasolwa nokulapho umgilwa wafika wabahlonza khona. Ezinye izimpahla kubikwa ukuthi zatholakala kubona abamangalelwa.
UShusha uhlambulukile, wavuma icala kodwa laba banye abamangalelwa ababili baliphika. UMshushisi uNkululeko Saziso Dlamini uthe lobu bugebengu budlangile endaweni. Wethule nombiko i-J88 oveza ukulimala komgilwa ngesikhathi ehlaselwa.
UShusha ugwetshwe iminyaka ewu-15 ngecala ngokubamba inkunzi ngesihlu neminyaka ewu-8 ngokugqekeza ngenhloso yokubamba inkunzi. Inkantolo ithe izigwebo uzozidonsa kanyekanye. Inkantolo ithe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.







