
ZIYA ngokuqina izinsolo zokuthi iKaizer Chiefs ihlela ukufaka amasondo umqeqeshi wayo uNasreddine Nabi ngezinsolo zokuthi akazange aphumele obala ngeziqu zakhe njengoba kuvela ukuthi iChiefs ithole ukuthi akavumelekile ukuhlala ebhentshini emidlalweni yeCaf.
IChiefs izobhekana neKabuscorp SCP yase-Angola emlenzeni wokuqala weCaf Confederation Cup ngoMgqibelo ngo-17h00 e-Angola. Kuthiwa emhlanganweni obuseNaturena ngoLwesithathu, iChiefs inqume ukumisa uNabi kuyona yonke imisebenzi ethinta ikilabhu.
Kuthiwa uNabi akasiyona ingxenye yeqembu leChiefs elibhekisa amabombo e-Angola namuhla ngoLwesine. Kuthiwa iChiefs inqume ukumumisa nje, izeseka ngokuthi uphule isivumelwano senkontileka njengoba engazange aphumele obala ngeziqu anazo ukuthi kazimuvumeli ukuhlala ebhentshini emidlalweni yeCaf.
Lo mqeqeshi usenezinkinga neChiefs nje, uyihole yanqoba inkomishi yokuqala emuva kweminyaka ewu-10, yehlula izimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates ngo-2-1 kowamanqamu weNedbank Cup obuseThekwini ngoNhlaba (May) kodwa wahluleka wancama ukuyifaka kwi-top 8 okuyinto eyayifunwa kakhulu ngabaqashi bakhe.
IChiefs iyiqale kahle isizini inqoba imidlalo ilandelana uNabi engekho kuleli njengoba ebeyonesa umkakhe obelimele eTunisia, kuthe ebuya nje kuleli, iziMpofana zaqala ukulahla amaphuzu njengoba zithole awu-4 kwawu-9, zibambane neMamelodi Sundowns, zahlula iGolden Arrows zathelwa ngehlazo yiSekhukhune United ngo-3-0 ngoLwesibili ebusuku eFNB Stadium, eSoweto.






