Ilanga News
Home 9 Featured 9 UZOZIFIKELA MATHUPHA UNDUNANKULU KUVELA OSOLWA NGOKUBULALA U-AYABONGA ENKANTOLO

UZOZIFIKELA MATHUPHA UNDUNANKULU KUVELA OSOLWA NGOKUBULALA U-AYABONGA ENKANTOLO

by | 4 January 2025

UNDUNANKULU KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, uthi ukubulawa kukaNkz Ayabonga Mjilo (23), kukhombisa ukuthi usemkhulu kangakanani umsebenzi okumele wenziwe nguhulumeni ekulweni nesihlava sokubulawa kwabesifazane.

Kuzokhumbuleka ukuthi lentokazi engeyaseHlokozi, eHughflats, ebeyihlala eThekwini ngokomsebenzi,inyamalale ngosuku olwandulela ukhisimusi, nokuze kwatholakala isidumbu sayo sigqitshwe egcekeni lakubo lalowo okuthiwa ungumphathi wakhe lapho ebesebenza khona.

UNtuli ushayele amaphoyisa ngokusebenza ngokuzikhandla elandela umkhondo oholele ekutheni kugcine kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-37.
“Egameni likahulumeni waKwaZulu-Natal, siyakhalisa kakhulu nomndeni kaNkz Mjilo, izihlobo nabangane.

Ukubulawa komuntu osemusha ngalolu hlobo kuyinto embi kakhulu. Sizoqhubeka nokweseka umndeni ukuze uthole ubulungiswa,” kusho yena.

Unxuse abaholi obomdabu okuhlanganisa amakhosi, izinduna nabathubo ukuthi basukume kubanjiswane ekulwisaneni nesihlava sokubulawa kwabesifazane.

Uthembise ukuthi uzozifikela mathupha enkantolo lapho kuzovela khona umsolwa ngoMsombuluko.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...