Ilanga News
Home 9 Featured 9 UZOZIFIKELA MATHUPHA UNDUNANKULU KUVELA OSOLWA NGOKUBULALA U-AYABONGA ENKANTOLO

UZOZIFIKELA MATHUPHA UNDUNANKULU KUVELA OSOLWA NGOKUBULALA U-AYABONGA ENKANTOLO

by | 4 January 2025

UNDUNANKULU KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, uthi ukubulawa kukaNkz Ayabonga Mjilo (23), kukhombisa ukuthi usemkhulu kangakanani umsebenzi okumele wenziwe nguhulumeni ekulweni nesihlava sokubulawa kwabesifazane.

Kuzokhumbuleka ukuthi lentokazi engeyaseHlokozi, eHughflats, ebeyihlala eThekwini ngokomsebenzi,inyamalale ngosuku olwandulela ukhisimusi, nokuze kwatholakala isidumbu sayo sigqitshwe egcekeni lakubo lalowo okuthiwa ungumphathi wakhe lapho ebesebenza khona.

UNtuli ushayele amaphoyisa ngokusebenza ngokuzikhandla elandela umkhondo oholele ekutheni kugcine kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-37.
“Egameni likahulumeni waKwaZulu-Natal, siyakhalisa kakhulu nomndeni kaNkz Mjilo, izihlobo nabangane.

Ukubulawa komuntu osemusha ngalolu hlobo kuyinto embi kakhulu. Sizoqhubeka nokweseka umndeni ukuze uthole ubulungiswa,” kusho yena.

Unxuse abaholi obomdabu okuhlanganisa amakhosi, izinduna nabathubo ukuthi basukume kubanjiswane ekulwisaneni nesihlava sokubulawa kwabesifazane.

Uthembise ukuthi uzozifikela mathupha enkantolo lapho kuzovela khona umsolwa ngoMsombuluko.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...