Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuxwayiswa amantombazane ngoFacebook kuboshwa umdlwenguli

Kuxwayiswa amantombazane ngoFacebook kuboshwa umdlwenguli

by | 27 December 2024

AMAPHOYISA aseLimpopo asekhiphe isexwayiso ngendlela abantu abasebenzisa ngayo izinkundla zokuxhumana ikakhulukazi uFacebook kulandela ukuboshwa komsolwa obesebenzisa le nkundla ukudlwengula abesifazane.

Kubikwa ukuthi lo msolwa oneminyaka ewu-20 ubudala ubengena kule nkundla ukuheha amantombazane amancane aneminyaka ephakathi kuka-14 no-16 bese eyadlwengula aphinde awabambe nenkunzi endaweni eModjadjsikloof eLimpopo.

UKhomishana wamaphoyisa eLimpopo uLt General Thembi Hadebe uthe umsolwa uqale ukugila lo mkhuba ngoSeptember waboshwa wavela amhlandla ambalwa enkantolo ngaphambi kokuthi adedelwe ngebheyili.

Uthe ngemuva kwalokhu kwabe sekuthula ngaphambi kokuthi avumbuke ngoDecember.

UKhomishana uthe umsolwa ubanjwe kwesinye sezibhedlela kulandela ukuthi isisulu asidlwengule ngomhla ka-24 kuDecember simlimaze kanzima esithweni sakhe sangasese.

Uveze ukuthi ukusebenzisa ngokubambisana nezibhedlela yikhona okwenze lo msolwa washeshe wabanjwa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...