Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuxwayiswa amantombazane ngoFacebook kuboshwa umdlwenguli

Kuxwayiswa amantombazane ngoFacebook kuboshwa umdlwenguli

by | 27 December 2024

AMAPHOYISA aseLimpopo asekhiphe isexwayiso ngendlela abantu abasebenzisa ngayo izinkundla zokuxhumana ikakhulukazi uFacebook kulandela ukuboshwa komsolwa obesebenzisa le nkundla ukudlwengula abesifazane.

Kubikwa ukuthi lo msolwa oneminyaka ewu-20 ubudala ubengena kule nkundla ukuheha amantombazane amancane aneminyaka ephakathi kuka-14 no-16 bese eyadlwengula aphinde awabambe nenkunzi endaweni eModjadjsikloof eLimpopo.

UKhomishana wamaphoyisa eLimpopo uLt General Thembi Hadebe uthe umsolwa uqale ukugila lo mkhuba ngoSeptember waboshwa wavela amhlandla ambalwa enkantolo ngaphambi kokuthi adedelwe ngebheyili.

Uthe ngemuva kwalokhu kwabe sekuthula ngaphambi kokuthi avumbuke ngoDecember.

UKhomishana uthe umsolwa ubanjwe kwesinye sezibhedlela kulandela ukuthi isisulu asidlwengule ngomhla ka-24 kuDecember simlimaze kanzima esithweni sakhe sangasese.

Uveze ukuthi ukusebenzisa ngokubambisana nezibhedlela yikhona okwenze lo msolwa washeshe wabanjwa.

Ezisematheni

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...