Ilanga News
Home 9 Featured 9 Izinguquko ebuholini beMK Party

Izinguquko ebuholini beMK Party

by | 4 August 2026

UMENGAMELI Jacob Zuma usedilize uJaji John Hlophe esikhundleni sokuba yiPhini likaMengameli weMKP, wafaka indodana yakhe, uMnu Duduzane Zuma kulesi sikhundla.

Lesi simemezelo uZuma usenze eThe Royal Majestic Hotel, eThekwini. 

Edlulisa inkulumo ngomlomo woMkhulumeli weMKP, uMnu Sfiso Mahlangu, uZuma uphinde wachitha eqenjini, uMnu Nkosinathi Nhleko.

Kulezi zinguquko uphinde wamemezela uMnu Willies Mchunu ukuthi usezoba nguSihlalo weqembu kwaZulu-Natal.

UMnu Tony Yengeni yena uzoqhubeka abe yiPhini likaMengameli weqembu wesibili. 

Uthe yize emchithile uJaji Hlophe esikhundleni kodwa uzoqhubeka abe yilingu leSishayamthetho leMKP kuzwelonke.

Lezi zinguquko uZuma uzenze maqede wacela ukuthi kungabi khona mbuzo azobuzwa wona ngazo wase ephuma ehamba. 

Onemibuzo kuthiwe akasale ebuza umkhulumeli weqembu uMnu Sfiso Mahlangu.

Enza isimemezelo uZuma ubephelezelwa ubuholi bonke abuphakamisayo namalungu eMKP.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...