
UMENGAMELI Jacob Zuma usedilize uJaji John Hlophe esikhundleni sokuba yiPhini likaMengameli weMKP, wafaka indodana yakhe, uMnu Duduzane Zuma kulesi sikhundla.
Lesi simemezelo uZuma usenze eThe Royal Majestic Hotel, eThekwini.Â
Edlulisa inkulumo ngomlomo woMkhulumeli weMKP, uMnu Sfiso Mahlangu, uZuma uphinde wachitha eqenjini, uMnu Nkosinathi Nhleko.
Kulezi zinguquko uphinde wamemezela uMnu Willies Mchunu ukuthi usezoba nguSihlalo weqembu kwaZulu-Natal.

UMnu Tony Yengeni yena uzoqhubeka abe yiPhini likaMengameli weqembu wesibili.Â
Uthe yize emchithile uJaji Hlophe esikhundleni kodwa uzoqhubeka abe yilingu leSishayamthetho leMKP kuzwelonke.
Lezi zinguquko uZuma uzenze maqede wacela ukuthi kungabi khona mbuzo azobuzwa wona ngazo wase ephuma ehamba.Â
Onemibuzo kuthiwe akasale ebuza umkhulumeli weqembu uMnu Sfiso Mahlangu.
Enza isimemezelo uZuma ubephelezelwa ubuholi bonke abuphakamisayo namalungu eMKP.







