Ilanga News
Home 9 Featured 9 IDA ifuna ungqongqoshe achaze ngokushona kwamasosha eDRC

IDA ifuna ungqongqoshe achaze ngokushona kwamasosha eDRC

by | 26 January 2025

IDemocratic Alliance ifuna uNgqongqoshe wezoVikela uNkk Angie Motshekga azochaza ePhalamende ngesimo saseDRC nokubulawa kwamasosha awu-9 kulezi zinsuku ezimbili ezedlule.

Leli qembu liveze ukuthi lizwelana kakhulu nemindeni eshonelwe nalawo asalimele .

Liqhube ngokuthii ngeke liphumule lingazitholile izimpendulo mngokwenzekile.

Liqhube ngokuthi lifuna nokuthola ukuthin ungqongqoshe unaziphi izinhlelo zokuqinisekisa ukuphepha kwamasosha asenkambini.

UChris Hattingh oyilungu lePhalamende leDA uthe ngeke bakwamukele uMengameli wezwe ahlale angenzi lutho alibale wukubhekana nezinkinga ze-ANC ekubeni amasosha ebulawa ngaphandle.

Uthe umengameli Cyril Ramaphosa wajuba la masosha eCongo ebe azi kahle ukuthi kawakakulungeli ukubhekana nesimo esiqhubekayo kuleli yazwe.

Uqhube ngokuthi incazelo ngalesi sigameko izosiza ukuze kuqhanyukwe nesu lokuwahoxisa.

Ukhale ngesimo sezimali esibhekene nalo mnyango njengoba eveze ukuthi umcwaningi mabhuku waveza ukuthi kune mali engango-R3.4 billion eyasetshenziswa budlabha.

Ezisematheni

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

UPHUMELE obala okokuqala ngemuva kwezinkulumo ezike zasabalala ngaye uDkt Mbuyiseni Ndlozi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ze-SABC ngeSonto. UNdlozi udalule usethathe isinqumo sokuhoxa kwipolitiki yamaqembu kodwa usaqhubeka nokusebenzela umphakathi kodwa ngendlela...

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

UMNDENI kaSosayensi waKwaNongoma, uNkz Senamile Masango, usubhalele uMongameli uMnu Cyril Ramaphosa incwadi ucela ukuba ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni wesigaba sesibili. Umndeni waKwaMasango uthi likhulu iqhaza elibanjwe yindodakazi yabo emkhakheni wezemfundo...

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

UCHAZWE njengom-Afrika obethanda izwe lakhe uDkt Sam Shafishuna Nujoma, owaba nguMengameli wokuqala wezwe laseNamibia ngemuva kwenkululeko yalo ngomhlaka 21 kuMarch wango 1990. Udlule emhlabeni esesibhedlela eWindhoek ngoMgqibelo ebusuku. Wakhethwa waba nguMengameli...