Ilanga News
Home 9 Featured 9 IDA ifuna ungqongqoshe achaze ngokushona kwamasosha eDRC

IDA ifuna ungqongqoshe achaze ngokushona kwamasosha eDRC

by | 26 January 2025

IDemocratic Alliance ifuna uNgqongqoshe wezoVikela uNkk Angie Motshekga azochaza ePhalamende ngesimo saseDRC nokubulawa kwamasosha awu-9 kulezi zinsuku ezimbili ezedlule.

Leli qembu liveze ukuthi lizwelana kakhulu nemindeni eshonelwe nalawo asalimele .

Liqhube ngokuthii ngeke liphumule lingazitholile izimpendulo mngokwenzekile.

Liqhube ngokuthi lifuna nokuthola ukuthin ungqongqoshe unaziphi izinhlelo zokuqinisekisa ukuphepha kwamasosha asenkambini.

UChris Hattingh oyilungu lePhalamende leDA uthe ngeke bakwamukele uMengameli wezwe ahlale angenzi lutho alibale wukubhekana nezinkinga ze-ANC ekubeni amasosha ebulawa ngaphandle.

Uthe umengameli Cyril Ramaphosa wajuba la masosha eCongo ebe azi kahle ukuthi kawakakulungeli ukubhekana nesimo esiqhubekayo kuleli yazwe.

Uqhube ngokuthi incazelo ngalesi sigameko izosiza ukuze kuqhanyukwe nesu lokuwahoxisa.

Ukhale ngesimo sezimali esibhekene nalo mnyango njengoba eveze ukuthi umcwaningi mabhuku waveza ukuthi kune mali engango-R3.4 billion eyasetshenziswa budlabha.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...