Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kubhekwe sethulwe ngelizayo isabelomali

Kubhekwe sethulwe ngelizayo isabelomali

by | 7 March 2025

KUBHEKWE ukuba uNgqongqoshe wezeMali uMnu Enoch Godongwana ayethulwe ngoLwesithathu inkulumo yesabelo-mali salo nyaka.

Lokhu kuza ngemuva kokuba ukwethulwa kwesabelo-mali kuhlehlisiwe ngenxa yokungavumelani kwamaqembu ngezinto ezithile, emasontweni amabili edlule. Kuthiwa uGodongwana wayezomemezela ukwenyuswa kwentela ekhokhwa uma uthenga (iVAT) ngo-2%.

Kuleli sonto iPhalamende libike ukuthi sekuvunyelwene ngebhajethi. Njengoba izwe libhekene nesimo esibi kwezomnotho, ubhekwe ngabomvu uGodongwana ukuthi yiziphi izinto azogxila kuzona, kanjalo nokuthi uhulumeni uzoyenyusa yini imali yezibonelelo.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...