Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Ibhodi leNgonyama Trust lichitha eyokungasihloniphi iSilo

Ibhodi leNgonyama Trust lichitha eyokungasihloniphi iSilo

by | 28 February 2025

NGU-ADV Vela Mngwengwe oyiCEO yeNgonyama Trust no-Adv Linda Zama oyiSekela likaSihlalo webhodi yeNgonyama Trust.
Isithombe: nguJohn Hlongwa

AMALUNGU ebhodi leNgonyama Trust ayazichitha izinsolo zokuthi kawasihloniphi iSilo uMisuzulu kaZwelithini, futhi kawahloniphi nesikhundla sayo iNgonyama sokuba nguSihlalo wale bhodi. Ayakuphika nokuthi asikhipha inyumbazana iSilo emihlanganweni yebhodi.

NgoLwesithathu amalungu ebhodi abize abezindaba eMgungundlovu, lapho ebephendula khona ohideni lwezinsolo ezishaqisayo ezenziwe nguDkt Thandiwe Dlamini, obeyilungu lebhodi, kodwa osesulile esikhundleni.

UDkt Dlamini wenze izinsolo eziveza isithombe esibi ngamalungu ebhodi athile, ewasola ngokuthi aphikisana neSilo, kawasifuni, ehlangene neChief Executive Office (CEO) u-Adv Vela Mngwengwe. UDkt Dlamini uthe lawa malungu ebhodi “angasifuni iSilo” ayihlakaza ayayiqeda Ingonyama Trust, futhi axhaphaza imali yeNgonyama, iyadliwa.

Usole no-Adv Mngwengwe ngokuthi nguyena oshaya amaphiko, nebhodi izwa yena.

UDkt Dlamini ukusho lokhu ngoLwesihlanu olwedlule emhlanganweni obizwa ngokuthi Isibaya, obusesigodlweni eMashobeni, KwaNongoma, obubizwe yiNgonyama, lapho bekudingidwa khona ngezindaba ezithinta izingqinamba ezikwiNgonyama Trust naseThala SOC Limited.

Lo mhlangano ubuthanyelwe ngamakhosi, abaNtwana baseNdlunkulu, nomphakathi. Emuva kokwethula lolu hide lwezinsolo, uDkt Dlamini umemezele kuwo lowo mhlangano ukuthi useyahoxa ekubeni yilungu lebhodi.

Amalungu ebhodi abesesigcawini sabezindaba ngoLwesithathu ukuphendula kulezi zinsolo zikaDkt Dlamini, abeholwa ngu-Adv Linda Zama oyiSekela likaSihlalo webhodi. Amanye amalungu alo abekhona yiNkosi uSibonelo Mkhize, uNkk Nomusa Zulu, kanti bebehambisana no-Adv Mngwengwe, neChief Financial Officer (CFO) uMnu Siyamdumisa Vilakazi.

Amanye kubikwe ukuthi awaphumelelanga ngenxa yokubambeka, kanti axolisile. Lawa malungu ebhodi akuchaze njengamampunge okushiwo nguDkt Dlamini ngoLwesihlanu ukuthi awasifuni iSilo, futhi asikhipha inyumbazane. U-Adv Zama uthi izinduna namakhosi “badliswe ushevu” ngokutshelwa okungelona iqiniso, futhi okudukisayo.

Uqinisekise ukuthi bona njengamalungu ebhodi abanankinga neSilo nangokusebenza naso, wathi bayasihlonipha. Uthi kabanaso nesizathu esingabenza bangasifuni iSilo. Uthe njengamalungu ebhodi basebenza ngomthetho, futhi konke abakwenzayo, bakwenza ngokulandela umthetho. Uthi empeleni kuningi abakwenzile ukulungisa izinto kwiNgonyama Trust.

“Senze okuningi ukukhuculula (kwiNgonyama Trust) ngoba bekumapeketwane. Lo obekhuluma ubedukisa (umphakathi),” kusho u-Adv Zama. U-Adv Mngwengwe naye uphawule wathi bayasihlonipha iSilo njengosihlalo, wathi ngeke baze basidelele.

Wenze izinsolo zokuthi kunabathile abahlasela ibhodi, futhi uthi ukuhlaselwa kwalo kuqale kusukela ngesikhathi iqala ukusebenza (le bhodi). U-Adv Zama uthi bazamile ukubambisana neSilo futhi bebesivikela, bengafuni ukuba izwe libone ukuthi kunokungabambisani okukhona kwiNgonyama Trust.

Ebuzwa ukuthi ababoni yini kungaba yisixazululo ukwesula ezikhundleni njengamalungu ebhodi njengoba kucaca ukuthi kalukho ubumbano phakathi kwabo neNgonyama, uthe nabo banesithunzi okumele basivikele. Uthe kawuveli nje wesule esikhundleni kube kukhona izinto ezingezinhle ngegama lakho ngoba ubukeka njengomuntu obalekayo. Uthe futhi-ke noma ngabe kuthiwa leli bhodi liyahlakazwa, kodwa umthetho uzolokhu umile

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...