Ilanga News
Home 9 Featured 9 Lizobuyela enkantolo ngenyanga ezayo elokubulawa kuka-AKA

Lizobuyela enkantolo ngenyanga ezayo elokubulawa kuka-AKA

by | 8 May 2025

LIHLEHLELE umhlaka 12 kuNhlangulana (June) nonyaka icala lokubulawa kwesihlabani se-Hip Hop uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane, abadutshulwa babulawa ngoNhlolanja (February) ka-2023.

Leli cala elibhekene nabasolwa abahlanu okungu-Lindokuhle Mkhwanazi, Lindani Zenzele Ndimande, uSiyanda Eddie Myeza, uMuziwethemba Harvey Gwabeni noLindokuhle Ndimande belihleli okokuqala eNkantolo eNkulu yaseThekwini lapho ebekuyodingidwa khona ngamalungiselelo okuqala kokuqulwa kwecala (Pre-trial Conference).

Phakathi kwezizathu zokuhlehla kwecala ukungabikho kommeli kaMkhwanazi uMnu Simphiwe Cyril Mlotshwa, okuvele kuyo lenkantolo ukuthi useSwazini, lapho khona njengommeli wabasolwa ababili abayizelamani, uSiyabonga noMelusi Ndimande, abayingxenye yaleli cala ababhace kuleliyazwe.

Ngonyaka owedlule kwavezwa eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ukuthi uMlotshwa uyingxenye yethimba labammeli elimele lezi zelamani ezilwa ngezinkatolo nokubuyiselwa kuleli zizobhekana namacala azo.

Ijaji uNkk Jacqueline Hendriques ukuvumile ukuhlehliswa kwaleli cala. Kuzokhumbuleka ukuthi uAKA noTibz badutshulwa babulawa bengaphandle kwendawo yokudlela iWish esemgagqweni uFlorida eThekwini.

Ngemuva konyaka bebulewe kwaboshwa abasolwa abawu-7, ababili kubo ababebhace eSwazini.

Inkantolo yeMantshi yaseThekwini yabenqabela ibheyili abasolwa ngenxa yobufakazi obuqinile obuhlanganisa izithombemnyakazo ekuthiwa zikhombisa abasolwa belandela u-AKA esuka esikhumulweni sezindiza waze wayofika ehhotela ayezolala kulo, imininingwane yabasolwa yasebhange eveza ukuthi uGwabeni wakhokhelwa imali ewu-R800 000 ngemuva kokufa kuka-AKA, wabe esefakela abanye abasolwa imali ewu-R133 000 umuntu emunye.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...