Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ilimale isemzini wabo inkosikazi kaNabi

Ilimale isemzini wabo inkosikazi kaNabi

by | 12 August 2025


ILIMALE isemzini wabo inkosikazi kaNasreddine Nabi ongumqeqeshi weKaizer Chiefs, okwenze waphuthuma kwelakubo eTunisia isigubhukane ngeledlule.

Kuthiwa umkaNabi ulimale esebenza kwakhe njengoba kuthiwa kwenziwa umsebenzi wokulungiswa umuzi wabo. Kuthiwa uwe kabi kusetshenzwa, okuphoqe ukuba aphuthunyiswe esibhedlela. Kuthiwa ngendlela alimale ngayo, kuphoqe ukuba alaliswe egunjini labagula kakhulu (ICU) ngoba ubekwikhoma, kodwa useyalulama.

Lesi simo siphoqe ukuba uNabi angabi yingxenye yomdlalo wokuqala weChiefs lapho inqobe khona ngo-2-0 iStellenbosch koweBetway Premiership ngeSonto e-Athlone Stadium, eKapa. Ngeke futhi abekhona uma iChiefs isibhekene nePolokwane City kusasa ngoLwesithathu ngo-19h30 eFNB Stadium, eSoweto.

IChiefs ithe makahlale, isimo somkakhe size sibe ngcono. Nokho kuthiwa uyaxhumana nethimba lakhe labaqeqeshi njengoba kuthiwa nasemdlalweni odlule ushiye esenze yonke into.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...