Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ilimale isemzini wabo inkosikazi kaNabi

Ilimale isemzini wabo inkosikazi kaNabi

by | 12 August 2025


ILIMALE isemzini wabo inkosikazi kaNasreddine Nabi ongumqeqeshi weKaizer Chiefs, okwenze waphuthuma kwelakubo eTunisia isigubhukane ngeledlule.

Kuthiwa umkaNabi ulimale esebenza kwakhe njengoba kuthiwa kwenziwa umsebenzi wokulungiswa umuzi wabo. Kuthiwa uwe kabi kusetshenzwa, okuphoqe ukuba aphuthunyiswe esibhedlela. Kuthiwa ngendlela alimale ngayo, kuphoqe ukuba alaliswe egunjini labagula kakhulu (ICU) ngoba ubekwikhoma, kodwa useyalulama.

Lesi simo siphoqe ukuba uNabi angabi yingxenye yomdlalo wokuqala weChiefs lapho inqobe khona ngo-2-0 iStellenbosch koweBetway Premiership ngeSonto e-Athlone Stadium, eKapa. Ngeke futhi abekhona uma iChiefs isibhekene nePolokwane City kusasa ngoLwesithathu ngo-19h30 eFNB Stadium, eSoweto.

IChiefs ithe makahlale, isimo somkakhe size sibe ngcono. Nokho kuthiwa uyaxhumana nethimba lakhe labaqeqeshi njengoba kuthiwa nasemdlalweni odlule ushiye esenze yonke into.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...