
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi.
Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi ethula isikhungo esizosabalalisa amanzi, esaziwa ngeSampofu Water Supply Scheme, esakhiwe kuWard 3, kuMasipala waseMsinga, esiFundeni uMzinyathi. Isikhungo lesi, esizophakela amanzi kwiziphehlimanzi (bore-holes), ezingi-43, ezisesiFundeni uMzinyathi, kusetshenziswe imali engu-R4 443 million, ukusivuselela.
ISampfou Water Supply Scheme, yaqala ukwakhiwa ngo-2010, kodwa yamiswa ngoba kuthiwa kwabakhona abacekela phansi isakhiwo zingakaqedwa ukwakhiwa. Ukwakhiwo kwalesi sikhungo kwakuhloswe ngakho ukuxazulula inkinga yokwentuleka kwamanzi eMzinyathi.
“Siyacele emakhosini aseNdlukulu ukuthi abe ngamehlo kahulumeni, ngoba izikhungo esizilethela imiphakathi, zicekelwa phansi ngabantu abanezinhloso ezimbi, abafuna sikhulunywe kabi kuthiwe siyahluleka, siqala izinhlelo zentuthuko singaziqedi. Nani malungu omphakathi lesi sikhungo samanzi singesenu, uma kukhona abantu abasicekela phansi, babikeni emaphoyiseni nakonogada boMasipala. Uma sibulawa lesisikhungo samanzi, niyophindela emifuleni, niyobanga amanzi nezinkomo nezimbongolo. Ngokulethela imiphakathi amanzi, siyinika isithunzi nempilo. Abantu abaphuza amanzi angahlanzekile baphathwa yizifo, abangenawo amanzi, bagqoke izingubo ezingcolile, ezingawashiwe, behle isithunzi, futhi bagule,”esho.
INkosi yasizwe samaQamu, eMsinga, iNkosi uZipho Majozi, ebuye ibeyiPhini likaSihlalo wamaKhosi, eMzinyathi, ithe, basizwile isicelo sikaNgqongqoshe.
INkosi Majozi, ithe baqala ngonyaka odlule, neNkosi uMbangomuni Mazibuko, yaseSandlwana, neNkosi uSibusiso Dhlomo, yaseMakhabeleni, ukubheka ukusebenza kweziphehlimanzi, esiFundeni uMzinyathi.
menzi.jele@ilanganews.co.za







