
KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State.
Le nxanxathela izohlanganisa iThe Leves Hotel, The Kraal Estate neThe Kraal Apartments kanti izokwakhiwa inkampani yodumo iCalvin And Family Group kaMnu Calvin Mathibeli okuvela ukuthi iyona ethole lo msebenzi ozodla isamba semali elinganiselwa ku-R3 billion.
Kubhekwe ukuthi ngesikhathi sokwakhiwa kwale nxanxathela kwakheke amathuba awu-2OOO ngokusho kwesitatimende esikhishwe yile nkampani esike yasebenza ukwenza eminye imisebenzi nohulumeni.
UMathibeli uthe lo msebenzi wokwakha le nxanxathela uzokwazi ukuhlanganisa abantu balezi zifundazwe ezintathu kanti okuhle ngale nxanxathela wukuthi wukuthi yakheke eduze kwemigwaqo emikhulu yezwe okuwu-N3 no-N5.
Uthe kuzothi uma konke sekuphothuliwe ngale nxanxathela iphinde ikwazi nokuheha izivakashi ezahlukene ngoba bazobakhona abazoyibona ifanele ukuthi isingathe imishado neminye imicimbi eyahlukene.
Uthe ngaphandle kokuthi labo abazobe besebenzisa lo mgwaqo bazokwazi ukudlula kule nxanxathela nabanti abaqhamuka ezindaweni ezakhelene neHarrismith bazophinde bakwazi nokubalwa neQwa Qwa.
UMathibeli uthe okwenza ukwakha le nxanxathela kube senhliziyweni yakhe wukuthi nakuba esengusomabhizini osabalelele izwelonke kodwa yakhiwa ngalapho adabuka khona.
Uthe uyakujabulela ukubona ukuzinikela komasipala abahlukene baseFree State ukuqinisekisa impumelelo yokwakhiwa kwale nxanxathela.
Uthe ukuthola ithuba lokwakha le nxanxathela kusho lukhulu kubona njengebhizinisi futhi kuletha nokuzethemba lokuthi bakwazi ukwenza into esezingeni eliphezulu nelifanele.







