Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 UZungu ukhala ngemizamo yokumkhinyabeza kweseSAFA

UZungu ukhala ngemizamo yokumkhinyabeza kweseSAFA

by | 9 September 2026

OGAQELE esokuba nguMengameli weSouth African Football (SAFA), uSandile Zungu oyisikhulu samaZulu ubonga izifunda nabezemidlalo abamesekile emkhankasweni wakhe njengoba ethe balale phansi bangakhombisa ukuthi bahamba naye ngenxa yokusatshiswa njengoba umkhankaso usuze wafika kuleli zinga okulona.

UZungu usemjahweni walesi sikhundla asibanga noJonny Jordaan. Ingqungquthela okuzomenyezelwa kuyona owinile kusona izoba ngoMgqibelo eGoli.

Uthe uyabonga ngendlela asekwe ngayo kulo mkhankaso njengoba usufika emaphethelweni yize bekunzima. Uthe abanye bebeze benze sengathi bahambisana nohlangothi lwabangisana naye ngenhloso yokumvikela ngoba umbango ubushisa kakhulu.

Abanye uthe bebesatshiswa ngokuthi uma beqhubeka nokweseka uZungu kuzohlakazwa izifunda zabo.

Uqhube wathi abanye bebeze bamtshele ukuthi bekuphoqeleka ukuthi baqhakambise uDanny Jordaan ukuze bangazitholi besenkingeni kodwa bebe bazi ukuthi bazovotela uZungu ngoba bathe babheke ikusasa. Okunye akuvezile ukuthi usenolwazi ngamaqhinga angcolile  abehlelwa ukuthi kuphazanyiswe izifunda ezeseka yena okwenziwa yithimba elingahambisani naye.

UZungu ubanga noJordaan osebe kulesi sikhundla kusuka ngo-2013 futhi ufuna ukubuyela kulesi  sikhundla ihlandla lesine.

Ithimba likaJordaan lizoba nengxoxo neSABC kusasa ngoLwesine ukuveza izinhlelo zokulungiselela le ngqunguthela yangoMgqibelo.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...