
UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress.
UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni sakhe seminyaka ewu-40 kwezamabhizinisi nokusebenzela umphakathi engabheke nzuzo ikhona agabe ngakho ukuthi kuzosebenzela uma iqembu lakhe lithola amavoti anele ukuphatha ezindaweni ezahlukene elizobe likhankasela kuzona.
Uthe iqembu lakhe yilona lodwa eligxile ekuthuthukiseni umphakathi ngezindlela ezahlukene kusukela kubantu abasha.
Uthe i-AMC uma ithatha izintambo izobeka eceleni ipolitiki isebenzele ukuthuthukisa umphakathi ngoba sekuyisikhathi sokuthi intuthuko ifike.
“Kule minyaka eyedlule kudlaliwe ngabantu ingqalasizinda yaqhubeka nokonakala abantu bakhokhiswa izizumbulo zemali yokuqoqa imfucuza (rates), amanzi angatholakala nogesi wanqamuka kwezinye izindawo.
Uma abantu belikhathalele ikusasa labo nezingane zabo kuzoba mqoka ukuthi basivotele sikwazi ukwenza umehluko,” kusho uMoodley.
Uthe ukuba ngusomabhizinisi kumfundise ukuthi angasabi ukuthatha izinqumo futhi asebenzele ukuthola inzuzo nemiphumela.
“Uma siqashe abantu bengawenzi umsebenzi ngendlela efanele ngeke sinananze sizoba nika isikhathi esanele uma beqhubeka nokudembesela ngeke sibagcine sizobakhipha ngoba sifuna ukuba nabantu abazoba nombono wethu wokuzinikela emphakathini,” esho.

UMoodley ungusomabhizinisi emkhakheni eyahlukene kanti uke waba sematheni ngesikhathi kuvela ukuthi izindaba zokuthi angase athenge iqembu lebhola likanobhutshuzwayo likaShauwn Mkhize iRoyal AM ngesikhathi libhekene nezinkinga zokuqunjwa phansi.
Ngeshwa lokhu kugcine kungenzekanga. UMoodley uveze ukuthi iqembu lakhe phakathi komasipala elizoba likhankasa kuzona kubalwa eThekwini, KwaDukuza, uMhlathuze, Mfolozi, Amajuba, Uthukela, Ray Nkonyeni, Ugu, Newcastle nezinye.
Uthe inhloso yakhe yokungena emjahweni wokhetho akukhona ukuzizuzisa yena kodwa wukuthuthukisa nokuqhamuka nendlela ehlukile yokukhulisa umphakathi awukhiphe ezinkingeni obhekene nazo.
Unxuse abavoti ukuba benze okufanele ngoLwesithathu mhla ka-4 kuLwezi kophezulu ukuze kube noshintsho empilweni zabo.







