
INHLANGANO eqhuba umkhankaso wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha, iMarch and March imemezele ukhukhulela ngoqo wemashi yamadoda ukulwa nokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane ezoba ngomhlaka 30 kuMandulo (September).
USihlalo obambile weSA Forum eyingxenye yeMarch and March, uMnu Xolani Zuma, uthe amadoda kumele avume ukuthi iwona ayinkinga.
“Sinxusa wonke amadoda asezindaweni ezahlukene okuyiseKatlehong, Gugulethu, Mdansane, Vhembe, kwaMashu, Mzimkhulu, Ngwelezane nazo zonke ezinye izindawo ukuthi asukume abe yingxenye yemashi ezayo. Izindawo esingaziqinisekisa ukuthi izobakhona kuzo singabala iTheku, iGoli, Cape Town nakwezinye. Inhloso ukuthi ibe kuzona zonke izifundazwe ezingu-9 eNingizimu Afrika. Inhloso yayo ukufaka ingcindezi kuhulumeni ukuthi usukumele udaba lokuhlukunyezwa kwabesifazane kuboshwe nabenzi bobubi,” esho.
Uthe banxusa ubuholi bendabuko, obamabandla, izifundiswa nosomabhizinisi ukuthi babambisane nabo ukulwa nalesi sihlava sokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane.
UZuma uveze ukuthi abantu abahlukumeza abantu besifazane abanye babo ungabaphikela ngob a ngabantu abathembekile abagqoka amasudi. Nakwisithangami sabeMarch and March kufike abesilisa kuphela njengoba bethe lo ngumsebenzi wabesilisa ukuthi basukume balwele ukuvikeleka kwabesifazane. Baveze ukuthi okubuhlungu kwababulewe izingane zabo ngeke zisalithola iqiniso ukuthi bekwenzenjani futhi kuba nosizi ezinganeni.
Baphinde baveza ukuthi okunye abamatasa nakho ukususa bonke abantu abahlala emgaqweni. Bathe sebeke babhalela umasipala weTheku ukuthi wenze izinhlelo zokuqoqa abantu abahlala ezitaladini eThekwini ngoba lokho kuphambene nemithetho kamasipala kodwa bangayinikwa impendulo.
“Manje sesizobhalela undunankulu wakwaZulu-Natal ukuthi ungenelele. Uma kungukuthi uhulumeni wesifundazwe awusiphenduli nawo, kuzophoqeleka ukuthi siwufake enkantolo. Inhloso akukhona ukulwa nohulumeni kodwa ukulungisa isimo esisibonayo,” esho.
Uthe okwenziwa undunankulu ngo mkhankaso wakhe othi “Engangeni ngesango iyafohla” bayaweseka kodwa bayabona ukuthi akwanele ngoba akukho mnyakazo otheni.
tndlovu@ilanganews.co.za







