Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 OweSizok’thola uthi uzohoxa kumabonakude uma eseqala ukukhankasela i-ActionSA

OweSizok’thola uthi uzohoxa kumabonakude uma eseqala ukukhankasela i-ActionSA

by | 8 October 2025

NGUXOLANI Khumalo wohlelo iSizok’thola kwiMoja Love, omenyezelwe njengozomela i-ActionSA esikhundleni sokuba imeya Ekurhuleni.

UZIMISELE ngokuhoxa kumabonakude, angene ngokugcwele kwezepolitiki uma eseqala imikhankaso yakhe uXolani Khumalo, omenyezelwe njengozomela i-ActionSA esikhundleni sokuba imeya Ekurhuleni okhethweni lohulumeni basekhaya, ngonyaka ozayo.

UKhumalo wodumo lohlelo lokuthungatha izidakamizwa, iSizok’thola, kwiMoja Love, wethulwe ngoMgqibelo yileli qembu phambi kwamalungu alo. Ekhuluma neLANGA ngesinqumo sokungena kwipolitiki, uveze ukuthi unxenxwe nguMnu Herman Mashaba ongumsunguli we-ActionSA ngemuva komhlangano wabo mayelana noxhaso ayelucelile.

“Ezinyangeni ezintathu ezedlule, ngibe nomhlangano nobaba uMashaba ngenhloso yokuthola uxhaso lwenhlangano yami engayenzi inzuzo, esiza abahaqwe yizidakamizwa. Kulo mhlangano uMashaba wangibuza ukuthi ngizimisele yini ukusebenzela umphakathi ngokugcwele? Ngavuma ngoba yiyona into esenhliziyweni yami,” kusho uKhumalo.

Uthi uMashaba waveza ukuthi uzomeseka kulokhu ngokuthi amenze amele iqembu lakhe esikhundleni sobumeya.

“Ngalijabulela leli thuba ngoba ngiyakuthanda ukusiza umphakathi, ukuqinisekisa ukuphepha kwawo nokuthi uthole konke okuwufanele kuhulumeni,” esho.

Uveze ukuthi kungaleso sizathu ethathe isinqumo sokujoyina leli qembu ngokugcwele. Uthe okwamanje akukho okumvimbayo ukuba aqhubeke nohlelo lwakhe kumabonakude, kodwa uma eseqala ukukhankasa, uzohoxa. Uthe ukulwa nobugebengu kuzoba seqhulwini kuyena.

“Ngizobeka phambili ukulwa nayo yonke inhlobo yobugebengu ethinta inkohlakalo, izidakamizwa, ukuntshontshwa kwezimoto, ukubanjwa kwenkunzi nokunye.

Khonamanjalo, kulindeleke ukuba maduze leli qembu limemezele igama likaMnu Zwakele Mncwango njengozolimela kwesobumeya kuMasipala weTheku, okhethweni lwangonyaka ozayo. UMncwango nguyena ohola leli qembu esifundazweni, kanti uyikhansela kuwona lo masipala obalwa neminye emikhulu kuleli.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...