Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 OweSizok’thola uthi uzohoxa kumabonakude uma eseqala ukukhankasela i-ActionSA

OweSizok’thola uthi uzohoxa kumabonakude uma eseqala ukukhankasela i-ActionSA

by | 8 October 2025

NGUXOLANI Khumalo wohlelo iSizok’thola kwiMoja Love, omenyezelwe njengozomela i-ActionSA esikhundleni sokuba imeya Ekurhuleni.

UZIMISELE ngokuhoxa kumabonakude, angene ngokugcwele kwezepolitiki uma eseqala imikhankaso yakhe uXolani Khumalo, omenyezelwe njengozomela i-ActionSA esikhundleni sokuba imeya Ekurhuleni okhethweni lohulumeni basekhaya, ngonyaka ozayo.

UKhumalo wodumo lohlelo lokuthungatha izidakamizwa, iSizok’thola, kwiMoja Love, wethulwe ngoMgqibelo yileli qembu phambi kwamalungu alo. Ekhuluma neLANGA ngesinqumo sokungena kwipolitiki, uveze ukuthi unxenxwe nguMnu Herman Mashaba ongumsunguli we-ActionSA ngemuva komhlangano wabo mayelana noxhaso ayelucelile.

“Ezinyangeni ezintathu ezedlule, ngibe nomhlangano nobaba uMashaba ngenhloso yokuthola uxhaso lwenhlangano yami engayenzi inzuzo, esiza abahaqwe yizidakamizwa. Kulo mhlangano uMashaba wangibuza ukuthi ngizimisele yini ukusebenzela umphakathi ngokugcwele? Ngavuma ngoba yiyona into esenhliziyweni yami,” kusho uKhumalo.

Uthi uMashaba waveza ukuthi uzomeseka kulokhu ngokuthi amenze amele iqembu lakhe esikhundleni sobumeya.

“Ngalijabulela leli thuba ngoba ngiyakuthanda ukusiza umphakathi, ukuqinisekisa ukuphepha kwawo nokuthi uthole konke okuwufanele kuhulumeni,” esho.

Uveze ukuthi kungaleso sizathu ethathe isinqumo sokujoyina leli qembu ngokugcwele. Uthe okwamanje akukho okumvimbayo ukuba aqhubeke nohlelo lwakhe kumabonakude, kodwa uma eseqala ukukhankasa, uzohoxa. Uthe ukulwa nobugebengu kuzoba seqhulwini kuyena.

“Ngizobeka phambili ukulwa nayo yonke inhlobo yobugebengu ethinta inkohlakalo, izidakamizwa, ukuntshontshwa kwezimoto, ukubanjwa kwenkunzi nokunye.

Khonamanjalo, kulindeleke ukuba maduze leli qembu limemezele igama likaMnu Zwakele Mncwango njengozolimela kwesobumeya kuMasipala weTheku, okhethweni lwangonyaka ozayo. UMncwango nguyena ohola leli qembu esifundazweni, kanti uyikhansela kuwona lo masipala obalwa neminye emikhulu kuleli.

Ezisematheni

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

IZOQHUBEKA nemibhikisho ngaphansi kwemibandela emva kokhetho loHulumeni baseKhaya iMarch and March njengoba iyalelwe yinkantolo ukuthi iyimise okwesikhashan imibhikisho yayo. Lokhu kuza emva kokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia efake...

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

INKANTOLO yeSifunda yaseThekwini ichithe ukuthi kulalelwe ubufakazi beMeya yasoThukela, iNkosi uNtandoyekosi Shabalala eveze ukuthi izoyamukela emsebenzini imenenja yakulo mkhandlu uMnu Lanhelihle Jili (46) uma idedelwa ngebheyili ecaleni lenkohlakalo nelokuzama...

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...