Ilanga News
Home 9 Featured 9 Basabisa ngesiteleka abashayeli bamabhanoyi akwaSAA

Basabisa ngesiteleka abashayeli bamabhanoyi akwaSAA

by | 4 December 2024

THANDOLUHLE NGUBO

KUNGASE kuphazamiseke ukuhamba kwamabhanoyi akwaSouth African Airways (SAA) njengoba inyunyana yabashayeli bawo, iSouth African Airways Pilots Association (SAAPA), yesabisa ngokuthi amalungu ayo azobeka phansi amathuluzi kusasa kusukela ngo-07h00 ekuseni.

Kuthiwa lokhu kuza ngemuva kokungavumelani ngemali phakathi kweSAA nabashayeli abafuna ukukhushulelwa iholo ngo-15.7%.

Imibiko iveza ukuthi lolu daba lwaqala ukukhulunywa ngoNhlaba (May) kulo nyaka. Kuvela ukuthi abashayeli bamabhanoyi babefuna ukukhushulelwa imali ngo-30%, ngaphambi kokuthi behlisele ku-15.7%, okuyinto engahambisani nayo iSAA njengoba izimisele ngokubakhuphulela ngo-8.46%.

Kwenzeka lokhu nje, isikhulu esiphezulu kwaSAA, uMnu John Lamola, sikhiphe umbiko emasontweni edlule oveza ukuthi iSAA yenze kahle ohlangothini lwemali kulo nyaka.

Okhulumela iSAA uNkk Vimla Maistry, uzwakalise ukuphoxeka ngalesi siteleka, wathi ubuholi be-SAA buphezu kwemizamo yokuyilungisa le nkinga njengoba kuyikhathi samaholidi, futhi izithuthi zabo zisetshenziswa kakhulu.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...