Ilanga News
Home 9 Featured 9 Basabisa ngesiteleka abashayeli bamabhanoyi akwaSAA

Basabisa ngesiteleka abashayeli bamabhanoyi akwaSAA

by | 4 December 2024

THANDOLUHLE NGUBO

KUNGASE kuphazamiseke ukuhamba kwamabhanoyi akwaSouth African Airways (SAA) njengoba inyunyana yabashayeli bawo, iSouth African Airways Pilots Association (SAAPA), yesabisa ngokuthi amalungu ayo azobeka phansi amathuluzi kusasa kusukela ngo-07h00 ekuseni.

Kuthiwa lokhu kuza ngemuva kokungavumelani ngemali phakathi kweSAA nabashayeli abafuna ukukhushulelwa iholo ngo-15.7%.

Imibiko iveza ukuthi lolu daba lwaqala ukukhulunywa ngoNhlaba (May) kulo nyaka. Kuvela ukuthi abashayeli bamabhanoyi babefuna ukukhushulelwa imali ngo-30%, ngaphambi kokuthi behlisele ku-15.7%, okuyinto engahambisani nayo iSAA njengoba izimisele ngokubakhuphulela ngo-8.46%.

Kwenzeka lokhu nje, isikhulu esiphezulu kwaSAA, uMnu John Lamola, sikhiphe umbiko emasontweni edlule oveza ukuthi iSAA yenze kahle ohlangothini lwemali kulo nyaka.

Okhulumela iSAA uNkk Vimla Maistry, uzwakalise ukuphoxeka ngalesi siteleka, wathi ubuholi be-SAA buphezu kwemizamo yokuyilungisa le nkinga njengoba kuyikhathi samaholidi, futhi izithuthi zabo zisetshenziswa kakhulu.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...