Ilanga News
Home 9 Featured 9 Basolane ‘ngokudayisana’ kukhethwa ubuholi obusha neNatu

Basolane ‘ngokudayisana’ kukhethwa ubuholi obusha neNatu

by | 9 September 2025

WUBUHOLI obusha benyunyana yothisha iNational Teachers’ Union (Natu), obukhethwe engqungqutheleni ebiseGauteng.

AHLUKANE phakathi amalungu eNational Teachers’ Union (Natu) engqungqutheleni yokukhethwa kobuholi obusha bukazwelonke bale nyunyana, ngenxa yokushaywa ngesithende kobengunobhala wayo, uMnu Doctor Ngema.

Lokhu kugqame nasezinkundleni zokuxhumana emakhasini ale nyunyana, izithunywa zamagatsha ebeziyovota zisolana ngokuthi ezinye zazo azikwenzanga ebezithunywe khona, ukubuyisela uNgema kulesi sikhundla.

Kule ngqungquthela yezinsuku ezintathu ebiyenzelwe eBirchwood Hotel & OR Tambo Conference Centre, eBoksburg, eGauteng kusukela ngoLwesithathu kuya kuLwesihlanu, bekuyokhethwa kuyo ubuholi obusha obuzothatha kusukela manje kuze kube u-2028 kuMandulo (September).

Umengameli wale nyunyana uMnu Sbusiso Malinga, obuyiseliwe kulesi sikhundla njengoba ebengabangi namuntu, uthe amalungu ale nyunyana kumele abeseke ubuholi obuqokiwe. Unxuse ukuthi kungabe kusahlukanwa ngemibono, ukuze inyunyana iye phambili.

“Azikho izinxushunxushu ezibekhona ngokukhethwa kobuholi. Ngiyacela ukuthi abaqokiwe basekwe, kubanjiswane. Laba abawinile kufanele bagijime njengoba bebenza ngesikhathi besanxenxa amavoti,” kusho uMalinga.

Uthe akukho okuphambene nomthethosisekelo wenyunyana okwenzeke ngesikhathi kukhethwa ubuholi obusha.

“Akusikhona ukuthi besikhetha kuphela, kodwa siphinde sabheka ukuthi ukusebenza kwenyunyana kusahamba ngendlela efanele yini. Sithathe isinqumo sokuthi wonke amagatsha siwaphe uchatha wemali evela ehhovisi elikhulu lenyunyana,” kusho uMalinga.

Leli phephandaba lithole ukuthi isikhundla ebesibangwa kakhulu ngesikanobhala. Umengameli wale nyunyana, uthe nakuba ezwile ngokungaboni ngaso linye kwamanye amalungu ngemiphumela yengqungquthela, kodwa ujabule ngokuthi kwabakhethiwe ikhona intsha.

“Sesibadala, kuhle uma kukhethwa kubekhona nabantu abasha abaqokwayo ukuze bafunde ukusebenza kwenyunyana, kuthi noma singasekho bayithathe bayiyise phambili.”

Esikhundleni sesekela likamengameli kuqokwe uMnu Given Mabuza ongancintisananga namuntu, unoobhala kwaba nguMnu Mathemba Mabija. Abanye abaqokelwe ebuholini obuphezulu nguNkz Brenda Mbatha, nguMnu Sphile Dlamini, nguNkz Phindile Mnabe, noMnu Lwazi Mabele.

Ezisematheni

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

ABENGATHITWA AMABHIZINISI ABAKULELI KWIMASHI ETHEKWINI

Thokozani Ndlovu noThandoluhle Ngubo AYANDA amalungu omphakathi amasha eThekwini ngenhloso yokuxosha abokufika abakuleli njengoba sebehlukene bemaqembu maningi. Yize amaphoyisa andisiwe ukuze alawule isimo kodwa ayahluleka ukufinyelela zonke izindawo.  Lokhu...

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

Uzobuyela enkantolo osolwa ngokubulala ingane

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville, eGoli, unkosikazi kamfundisi (24), osolwa ngokubulala ingane enezinyanga ezine, ezalwa owesifazane odlwengulwe washiywa ehlathini wumfundisi (umyeni kamsolwa) osagcwele amathafa. Lo wesifazane uvele...