Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuboshwe abafundi abasolwa ngokushisa isikole

Kuboshwe abafundi abasolwa ngokushisa isikole

by | 11 October 2025

ZIBAKHALELE abafundi abasolwa ngokushisa isikole, “becasulwa wukumiswa komngani wabo esikoleni osolwa ngokugqekeza ihhovisi likathishanhloko”.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke ngeSonto eNgcongangconga Secondary School, eBhamshela, eNdwedwe. Kuboshwe abasolwa abayisihlanu, ababili babuye badedelwa.

Kuthiwa abanye kulaba ababoshiwe bafunda kusona lesi sikole, babanjwe ngalo iSonto. Umthombo weLANGA ulihlebele ukuthi kushiswa isikole nje, abasolwa bebevele besonga ngokumiswa komngani wabo esikoleni ngenyanga edlule, emuva kwesigameko sokugqekezwa kwehhovisi likathishanhloko.

Uthi ngeSonto umphakathi uvuke isikole sivutha amalangabi, wazama ukusicisha kodwa sekuvele sekonakele. Ngokuthola kwaleli phephandaba, kushe igumbi lomtapo wolwazi, kwathinteka nehhovisi likathi-shanhloko, kwabe sekulimala nophahla lwesikole kwezinye izingxenye.

Omunye umthombo ongaphaka-thi esikoleni, uthi abasolwa bashaqwe ngamaphoyisa ngalo iSonto ngemuva kwesigameko. Uqhuba, uthi bafike kuvele sekonakele ngoba igumbi lomtapo wolwazi bese lishe kakhulu, kanti ihhovisi likathishanhloko belingakashi kangako.

“Ngesikhathi umphakathi ubheka umonakalo, kuthe uma kungenwa, kwatholakala amanenjana egazi ngaphakathi, obekusho ukuthi khona olimalile kulaba abebeshisa isikole. Kulahleke izimpahla zothisha eziningi zokufundisa, balimaza nempahla eningi ngaphakathi,” esho.

Uthi umphakathi ube usulandela umkhondo, abasolwa baficwa bendawonye, bengcolile, kubonakala sengathi kukhona abakubhemile. Uthi bathe uma bephonswa imibuzo, bagcina bevuma ukuthi yibona abashise isikole.

“Umhloli ufikile ukuzobheka umonakalo esikoleni,” esho.

UNkz Nonto Chamane ongusihlalo wesigungu sabazali esilawula isikole, ethintwa ngalolu daba, uthe ngeke akwazi ukuphawula, wacela ukuba kuxhunyanwe nomnyango wezeMfundo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCont Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa abathathu, abaneminyaka ephakathi kwewu-17 newu-19, emuva kokushiswa kwesikole ngeSonto.
Uthe abasolwa bavelile eNkantolo yeMantshi eNdwedwe ngoLwesibili, bazobuyela maduze.

Imizamo yokuthola uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, kayiphumelelanga.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...