Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 I-SGB nesinqumo empini yothisha abatelekele amakhamera esikoleni

I-SGB nesinqumo empini yothisha abatelekele amakhamera esikoleni

by | 11 March 2026

ISIGUNGU sabazali bezingane ezifunda eMkhumbane Secondary School, eMayville, eThekwini sivumelene ngokuziqashela othisha abazoba yitoho, abazosebenza ngaphansi komgomo waso wokufakwa kwamakhamera emakilasini.

Lokhu kuvezwe nguSihlalo weSchool Governing Body (SGB), uMnu Bongani Mokoena. Uthi nakuba iNhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Nathi Ngcobo ibhalele isigungu sabazali, yathi makukhishwe amakhamera emakilasini ukuze kube nozinzo, yamisa nothishanhloko wesikole ngenxa yombango wamakhamera, obhikishise inqwaba yothisha yakhetha ukuhlala emakhaya, kodwa bona beyisigungu sabazali, bayaphikisana nokukhipha amakhamera. 

Uthi basezinhlelweni zokuvula isikole kuleli sonto, ukuze kuqhubeke ukufunda nokufundisa.

“Othisha abahambile, abangafuni ukusebenza, abahambe,” kusho uMokoena.

Uthi njengoba sekuphele amasonto amathathu kungafundwa kulesi sikole, kulimala abafundi. Uveze ukuthi ngesikhathi othisha beteleka ukusebenza, bona beyisigungu bacele i-University of Kwa-Zulu-Natal (UKZN) ukuba ibanikeze izitshudeni zayo ezifundela ubuthishela, ezidinga ukuqeqeshelwa ukufundisa ukuze zibambe. Uthi lezi zitshudeni zifundisile, zasatshiswa, zayeka ukusebenza. 

“Izitshudeni bezisebenzisana nengcosana yothisha abangayanga esitelekeni,” esho. 

Uthi ngeke bawakhiphe amakhamera, uma umnyango wezemfundo uhluleka wukuveza umthetho othi kuyicala ukufakwa kwamakhamera emakilasini. Uthi uma umnyango ufuna uzinzo kulesi sikole, awulethe othisha abasha abazimisele ngokusebenza.

“Laba esizobaqasha, bafundele ubuthishela, baqeqeshiwe bebengakawutholi umsebenzi. Isikole ngesomphakathi, uma sithatha imali yomphakathi sizifunela othisha abazobamba itoho, kalikho icala kulokho ngoba sifuna izingane zifunde. Okusiphatha kabi wukuthi umnyango kawubalaleli abazali, ulalela uhlangothi lothisha abatelekayo, kawukhulumi ngokuthi izingane azifundi,” kusho uMokoena. 

Selokhu kumiswe uthishanhloko, abazali bebebhikisha, bethi akabuyiselwe emsebenzini ngoba bayaseseka isinqumo sokufakwa kwamakhamera emakilasini. Othisha abatelekile abawu-22 abangaphansi kweSouth African Democratic Teachers Union (SADTU) – bebehlangene nenyunyana yabo ngoLwesine, bavumelana ngokuthi kababuyeli esikoleni uma engakakhishwa amakhamera. 

Bakhala ngokuthi abafuni ukufundisa begadwe nguthishanhloko ngamakhamera, ngoba sekuphulwa ilungelo labo langasese. NgokweSGB, ithi inhloso yokufakwa kwamakhamera wukuthi kugadwe abafundi bengahlukumezani (bullying), bangantshontshelani, kugadwe nokuphepha kothisha nabafundi emakilasini. 

Usihlalo weSGB, uthi bebenzeka nobugebengu esikoleni, kuntshontshwa impahla yesikole, kubikwa namacala okuhlukumezana kwabafundi okwenzeka emakilasini kodwa kungalandeleleki ngoba bungekho ubufakazi. 

“Amakhamera azosiza kokuningi,” esho. 

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe uthishanhloko umiselwe ukungalaleli imithetho abeyinikwe wumnyango.

“Isinqumo sokumiswa kwakhe, silandele izehlakalo eziningi zokungahloniphi, okuhlanganisa nezinsolo zokwenqaba ukuvumela uthisha owayemisiwe ukuba enze umsebenzi wakhe emuva kokubu-yiselwa wumnyango emsebenzini,” kusho uMahlambi. 

Ngokwemithombo yeLANGA, uthishanhloko watshelwa ngabahloli ukuba akhiphe amakhamera kusukela nyakenye, wangavuma kwaze kwangenelela uMqondisi woMnyango wezeMfundo kwisiFunda uMlazi, nakhona wangavuma, watshelwa yinyunyana yakhe iSADTU, nakhona wangavuma.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...