Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Imeya igxeke esokubulawa, kushiswe uthishanhloko.

Imeya igxeke esokubulawa, kushiswe uthishanhloko.

by | 24 February 2026

IGXEKE ukubulawa ngesihluku kukathishanhloko wesikole iMbonambi Primary, iMeya kaMasipala waseMfolozi uMnu Xolani Bhengu.

UBhengu ubekhuluma ngesikhathi ubuholi bomkhandlu nobuholi bomdabu buhambele umkhuleko wakulesi sikole obowumenywe yiNkosi yesizwe saMbuyazi, ngoMsombuluko, kulandela izigameko ezinyatisa igazi ezenzeka kuso.

Emasontweni ambalwa edlule, lesi sikole kufihlwe abafundi bakwaMnyango abadlula emhlabeni ngemuva kokubandakanyeka egozini yemoto behamba namalungu omndeni wabo.

Ngempelasonto esiphuma kuyo kutholakale isidumbu sikaMnu Jabulani Sibanyoni, obenguthishanhloko wakulesi sikole sishisiwe emotweni yakhe.

Ekhuluma uBhengu ududuze abafundi, othisha, amalungu omndeni kanye nomphakathi wokana ngokudlula emhlabeni kukaSibanyoni.

“Siyazi bothisha ukuthi kulesi sikhathi nithi uma nifika lapha esikoleni nizitshile ukuthi nizofica uthishomkhulu kuwuye ofike kuqala kodwa uNkulunkulu uhlele ngenye indlela. Esikufisayo wukuthi igazi lakhe uthishomkhulu alikhulume, ngyacela izinceku zisilekelele sikhuleke ngoba konakele. Siyacela ukuba niduduzeke kulesi sikhathi,” kusho uBhengu.

UNdunankulu wesizwe sakwaMbuyazi, uMnu Alson Mfangele, obemele iNkosi yesizwe uzwakalise ukukhathazeka ngalesi sigameko.

“Ngithe uma ngizwe ngalokhu okwenzekile ngaxhumana nenkosi kwase kuhlekela lokhu. INkosi ingiphathise umyalezo wokuthi bekunezinhlelo ebeyizihlanganisa noSibanyoni, engazi ukuthi seyizoziqhuba kanjani. Ngasohlangothini lwami, uSibanyoni ubewumnakwethu, ubungamangala uma usibona sihlangana emgagweni, ungafunga ukuthi sizinhlanya njengoba besidumelana size siwisane phansi. Sikhala kanye nani nonke sizwe sakwaMbonambi,” kusho undunankulu.

Bekuwusizi lodwa kulesi sikole, abafundi nezingane bedinda isililo ngenxa yalesi simo.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...