
IBUYELA enkantolo ngoLwesine ukuyoqhubeka nesicelo sayo sebheyili imenenja kaMasipala wesiFunda uThukela, uMnu Langelihle Jili (osesithombeni), eyanyaniswa namacala enkohlakalo. Kuthiwa ibifuna intshontsho kusonkontileka obethole ithenda kulo masipala.
UJili (46) uboshwe woKlebe ngoLwesithathu olwedlule ebusuku nomunye okuthiwa ungumngani wakhe, uMnu Bongumusa Dlamini (26), bavela okokuqala eNkantolo yamaCala eMali, eThekwini, ngoLwesihlanu. Ngokwamaphepha asenkantolo, kuthiwa icala lokuqala likaJili okungelenkohlakalo, lenzeka ngomhla ka-13 kuNtulikazi (July) nonyaka.
Kuthiwa uJili wafuna ukugwazelwa ngusomabhizinisi uMnu Thabani Malanga, ongumnikazi wenkampani iWise Centre Training, ebinethenda lokuqapha kulo mkhandlu. Kuthiwa wayalela uMalanga ukuba amnike u-R400 000 ukuze adedele ingxenye esele yale thenda eyakhishwa iwunombolo 19/2019.
Ngokwamaphepha kamasipala, iWise Training Centre yahlomula u-R19 125 662.66 kule thenda eyayibekelwe iminyaka emithathu. Kuthiwa uJili waphinda wafuna u-R150 000 kuMalanga, ukudedela ingxenye yemali eyayisele kwithenda u-18/2023, okungeyokuqapha enye yengqalasizinda yamanzi kulo masipala. Kasidalulwanga isamba esatholwa yile nkampani kule thenda, njengoba ziwu-22 ezahlomula.
Emaphepheni asenkantolo, kuvela ukuthi icala lesibili lisuka kwelokuqala, njengoba ngomhla ka-21 kwephezulu, kuthiwa uJili wemukela u-R100 000. Elesithathu libhekene noJili noDlamini. Kuthiwa ngesikhathi eboshwa uJili, uxhumane noDlamini, bavumelana ngokugwazela umphenyi wecala ngo-R600 000, ukuze kucishwe icala.
ILANGA lishayele umkhandlu wasoThukela ukuba uphawule ngalolu daba. USomlomo uNkk Thembelihle Nqubuka, uzihlangulile, wacela kushayelwe iMeya iNkosi uNtandoyenkosi Shabalala, engatholakalanga ukuphawula. Okhulumela umkhandlu uMnu Jabulani Mkhonza, uthe ucela ukungaphawuli kuze kube kuphuthulwa udaba isicelo sebheyili enkantolo.
Amaqembu ezepolitiki aphikisayo kulo masipala, i-ANC ne-DA, akuthakasele ukuboshwa kukaJili. Asho ngazwi linye ukuthi kade babebika ngenkohlakalo, kodwa bengesekwa. UJili uboshwa nje, umkhandlu wasoThukela ubhekene nezinkinga ezithinta imali. Ngasekuqaleni konyaka, ama-akhawunti asebhange alo mkhandlu avalwa, kubangwa ukungakhokhelani nomunye wosonkontileka.
Kakugcinanga lapho; wabhekana nolaka lwekomidi elibhekelele uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, odabeni oluthinta ukukhishwa kwethenda ka-R120 million, eyanikwa inkampani eyayingavumelekile ngenxa yokwehluleka ukwenza umsebenzi wayo. Kakugcinanga lapho njengoba inyunyana yezisebenzi iSamwu, yabhalela iphalamende, ikhala ngokungaphathwa ngendlela kwemali kulo mkhandlu.







