
KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni).
Ngale ncwadi uMatlala wayefuna ukuphenduka ufakazi wombuso, futhi yamukelwe enkantolo, avume wonke amacala abhekene nawo, futhi aneke wonke amanyundululu awaziyo enkohlakalo ngenhloso yokuthi ehliselwe isigwebo. Isicelo sakhe sokwehliselwa isigwebo sagcina singaphumelelanga, okwenza le ncwadi yagcina ingafinyelelanga enkantolo.
Kuyona, uMatlala uneka amahlazo okukhokhela izikhulu nosopolitiki izizumbulu zemali ngenhloso yokuthi konke kumhambele kahle ngethenda yakhe yasophikweni lwamaphoyisa. Phakathi kwezinsolo azivezayo, wukukhokhela obeyiphini likaKhomishana wamaPhoyisa osanda kwesula emsebenzini, uMnu Shadrack Sibiya, owayengungqongqoshe wamaphoyisa uMnu Bheki Cele nePhini likaNgqongqoshe wemiSebenzi yoMphakathi, uNkk Bernice Swart.
UMatlala uthi inkampani yakhe kwase kunezinkulumo zokuthi izohlomula ngenkontilela ohlelweni lweNHI. Kule ncwadi, uveza imizamo ayenza ngaphambi kokuthi inkampani yakhe iMedicare24 Tshwane, ithole ithenda ophikweni lwamaphoyisa, okubalwa ukuxhumana noSibiya, wamkhokhela izikhawu ezimbili u-R1 million.
Uthi waqala ngokukhipha u-R500 000, wakhipha nomunye, nokumnika izilwane zasendle, okuyizimpala. UMatlala uveza nokuthi uSibiya wakhipha u-R80 000 no-R200 000, athi uSibiya wamtshela ukuthi idingwa nguNkk Swart, ukumlungisela ibhilidi ayezosebenzela kulona ukuqhuba ithenda lasemaphoyiseni.
Ngasohlangothini lukaCele, uthi wamnika u-R700 000 ePretoria, wabe esemnika u-R300 000, besehhotela iBeverly Hills, eMhlanga, eThekwini. UNkk Swart noCele sebeke baphumela obala, bezichitha izinsolo zikaMatlala. Ngokuneka la manyundululu, uMatlala wayefuna ukuthi isigwebo sawo wonke amacala abhekene nawo, sibe yiminyaka ewu-8, kodwa imantshi yathi ingakwazi ukumnika iminyaka ewu-12.
Ngenxa yalesi sinqumo, uMatlala wayihoxisa le ncwadi efungelwe, engahambisani nesinqumo semantshi. UMatlala ubhekene noxhaxha lwamacala athinta ukukhwabanisa, ukushushumbisa imali, yinkohlakalo, wukuzama ukubulala namanye.







