
BASAZOQHUBEKA nokugcinwa esitokisini abesilisa abawu-12 abashaqwe ngamaphoyisa ngoLwesihlanu eBhambayi ,eNanda, abasolwa ngokushaya babulale abesilisa abayisihlanu abangamalungu omphakathi.
Izidumbu zabafi zitholakale zidindilize enkundleni yezemidlalo ngoLwesihlanu entathakusa, zinamanxeba okushaywa nokugencwa.
Abafi bebesolwa ngokuhlalisa lubhojozi umphakathi ngeznzo zobugebengu nokuhlukunyezwa kwabesifazane abebengenelwa ezindlini banukubezwe. Kuvela ukuthi abafi babecushelwe umgoga njengoba kuthiwa ingxenye yabasolwa yayikade igqoke izingubo zokulala zabesifazane emakhanda, ifake nezigqoko zezinwele (weaves), okwathi uma ingxenye yabafi iza kubona izitshela ukuthi ngabesifazane, kwabe sebeyabanjwa kanjalo.
Amalungu omphakathi anikele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma izolo ngoMsombuluko, efuna kudedelwe abasolwa. Inkantolo inqume ukusihlehlisela isonto elizayo isicelo sokudedelwa kwabo ngebheyili.
Kubikwa ukuthi namanje ziyaqhubeka izigameko zobugebengu kule ndawo.
“Ngikhuluma nje namuhla ekuseni sivuke kunowesifazane onukubezwe ngokocansi. Icala libikiwe emaphoyiseni. Sifuna kudedelwe ababoshiwe ngoba mkhulu kakhulu umsebenzi abawenzayo wokusivikela.
“Ingalo yomthetho ihudula izinyawo. Amaphoyisa ezikhathi zokugcina asitshela ukuthi nawo anenyama futhi angabantu. Iyakhathaza inkulumo enjalo ngoba amaphoyisa ahlinzekwe wuhulumeni ngazo zonke izinsiza zokulwisana nobugebengu,” kusho uNkz Sibusisiwe Ngcobo oyilungu lomphakathi.









