Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 Ingebhe ngombhedukazane womkhuhlane osuqubuke eChina

Ingebhe ngombhedukazane womkhuhlane osuqubuke eChina

by | 6 January 2025

INGEBHE ngombhedukazwe womkhuhlane oyindida osuqubuke eChina, obizwa ngeHuman Metapnemovirus (HMPV).

Okudala kakhulu ukukhathazeka wukuthi lo mkhuhlane unezimpawu ezifanayo nezeCovid-19.

Imibiko ithi i-HMPV ibhebhethekisa okomlilo wequbula, osekwenze izibhedlela zakuleliya lizwe zathwala kanzima ngenxa yomthamo wabahaqekile.

Kuzokhumbuleka ukuthi nesifo esabhubhisa izigidi emhlabeni iCovid 19 saqubuka kulona leli lizwe.

Ezisematheni

UNtuli wenelisekile ngokusebenza kukahulumeni wenhlanganisela eKZN

UNtuli wenelisekile ngokusebenza kukahulumeni wenhlanganisela eKZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli uthi unelisekile ngendlela uhulumeni obunjwe ngamaqembu ehlukene osebenza ngayo esifundazweni. NgoLwesithathu uMphemba ubenesithangami sabezindaba kwasize bekuphela unyaka uhulumeni obuswa ngokubambisana (Government of...

I-Action SA inxusa ukubekezelelana ngokwepolotiki

I-Action SA inxusa ukubekezelelana ngokwepolotiki

UMHOLI we-Action SA, KwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango, uthi ziyamkhathaza izigameko zakamuva zokungabekezelelani ngokwepolitiki esifundazweni. Ukusho lokhu ngemuva kokuvela eNkantolo eNkulu yaseThekwini kukaMnu Xolani Hadebe, oqhumise isibhamu ngesikhathi...

USelbyonce ubonge uthando lwabalaleli boKhozi FM

USelbyonce ubonge uthando lwabalaleli boKhozi FM

UBONGE abalaleli boKhozi FM ngothando abamtshengise lona uSelby 'Selbeyonce' Mkhize njengoba ezobe esakaza okokugcina ngci kusasa kulesikhondlakhondla somsakazo asechithe kuso iminyaka ewu-13. Ebhala ekhasini lakhe le Instagram uthe: "Nkosi ngiyabonga ngethalente...