Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 Ingebhe ngombhedukazane womkhuhlane osuqubuke eChina

Ingebhe ngombhedukazane womkhuhlane osuqubuke eChina

by | 6 January 2025

INGEBHE ngombhedukazwe womkhuhlane oyindida osuqubuke eChina, obizwa ngeHuman Metapnemovirus (HMPV).

Okudala kakhulu ukukhathazeka wukuthi lo mkhuhlane unezimpawu ezifanayo nezeCovid-19.

Imibiko ithi i-HMPV ibhebhethekisa okomlilo wequbula, osekwenze izibhedlela zakuleliya lizwe zathwala kanzima ngenxa yomthamo wabahaqekile.

Kuzokhumbuleka ukuthi nesifo esabhubhisa izigidi emhlabeni iCovid 19 saqubuka kulona leli lizwe.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...