Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 I-NCID ithi phansi amaphaphu ngesifo ‘esisha’ esibheduke eChina

I-NCID ithi phansi amaphaphu ngesifo ‘esisha’ esibheduke eChina

by | 7 January 2025

INGEBHE ngombhedukazwe womkhuhlane oyindida osuqubuke eChina, obizwa ngeHuman Metapnemovirus (HMPV).

UPHIKO olubhekelela izifo ezithathelanayo eNingizimu Afrika, iNational Institute for Communicable Diseases (NICD) luthi phansi amaphaphu kubantu bakuleli ngesifo iHuman Metapneumovirus (HMPV) esidla lubi eChina.

Lesi sifo esibheduke kuleliya lizwe ngenyanga edlule sesidale ingebhe kubantu abaningi emhlabeni-jikelele njengoba kuthiwa izimpawu zaso ziyefana nezeCovid-19, eyakhinyabeza abantu umhlaba wonke, yenza nzima nesimo somnotho.

Okwandisa itwetwe wukuthi nayo iCovid-19 yaqala khona eChina.

I-NICD ithi iHMPV kakulona isifo esisha njengoba saqala ukutholakala ngo-2001, futhi sesike satholakala naseNingizimu Afrika.
Ithi kujwayelekile ukuthi kwande imikhuhlane emazweni asenyakatho ngalesi sikhathi njengoba khona kuwubusika khona.

“Lonke ulwazi esilutholayo luveza ukuthi lesi sifo sidalwa yimikhuhlane nje eyejwayelekile ngesikhathi sasebusika. Okwamanje makwehle ukwesaba kubantu ngokuthi mhlawumbe sekuwubhubhane noma isifo esisha,” kusho uProf Cheryl Cohen oyinhloko eCentre for Respiratory Diseases and Menengitis eNICD.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...