UPHIKO olubhekelela izifo ezithathelanayo eNingizimu Afrika, iNational Institute for Communicable Diseases (NICD) luthi phansi amaphaphu kubantu bakuleli ngesifo iHuman Metapneumovirus (HMPV) esidla lubi eChina.
Lesi sifo esibheduke kuleliya lizwe ngenyanga edlule sesidale ingebhe kubantu abaningi emhlabeni-jikelele njengoba kuthiwa izimpawu zaso ziyefana nezeCovid-19, eyakhinyabeza abantu umhlaba wonke, yenza nzima nesimo somnotho.
Okwandisa itwetwe wukuthi nayo iCovid-19 yaqala khona eChina.
I-NICD ithi iHMPV kakulona isifo esisha njengoba saqala ukutholakala ngo-2001, futhi sesike satholakala naseNingizimu Afrika.
Ithi kujwayelekile ukuthi kwande imikhuhlane emazweni asenyakatho ngalesi sikhathi njengoba khona kuwubusika khona.
“Lonke ulwazi esilutholayo luveza ukuthi lesi sifo sidalwa yimikhuhlane nje eyejwayelekile ngesikhathi sasebusika. Okwamanje makwehle ukwesaba kubantu ngokuthi mhlawumbe sekuwubhubhane noma isifo esisha,” kusho uProf Cheryl Cohen oyinhloko eCentre for Respiratory Diseases and Menengitis eNICD.