Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Injabulo abeComrades bevuselela ubudlelwano ne32Gi

Injabulo abeComrades bevuselela ubudlelwano ne32Gi

by | 30 March 2025

I-COMRADES Marathon Association (CMA) isivuselele ubudlelwano bayo ne-32Gi, okuyisikhuthazi-mzimba esihamba phambili kwezemdlalo.


IComrades Marathon yalo nyaka izokuba mhla ka-8 kuJune isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini kanti eyakulo nyaka ingenelwe ngabasubathi abawu-24 000 abaphuma kuwona wonke amagumbi omhlaba.

I-32Gi inezinto eziningi ezisiza abasubathi uma bezilungiselela ukuya kogijima nokunye kokuthiba izinhlungu ngemuva kokugijima. I-32Gi ingenye yeziphuzo ezithandwa ngabasubathi abaningi.


Phakathi kwezikhuthazi eziphethwe ngabe-32G1 yi-energy bars, yi-protein recovery nutrition, yi-anti-cramp nezinye eziningi.
Umsunguli we-32Gi uMark Wolff uthi bajabule kakhulu ngobudlelwano babo neComrade.

“Iziphuzo zethu zithokozelwa ngabasubathi abaningi. Abanye ziyabasiza ukukwazi ukumelana nobunzima balo mjaho,” kusho uWolff.


USihlalo weCMA uMqondisi Ngcobo uthe imikhiqizo yakwa32Gi iyabasiza kakhulu abagijimi, ibanika amandla okuba bakwazi ukuqeda iComrades.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...