Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Injabulo abeComrades bevuselela ubudlelwano ne32Gi

Injabulo abeComrades bevuselela ubudlelwano ne32Gi

by | 30 March 2025

I-COMRADES Marathon Association (CMA) isivuselele ubudlelwano bayo ne-32Gi, okuyisikhuthazi-mzimba esihamba phambili kwezemdlalo.


IComrades Marathon yalo nyaka izokuba mhla ka-8 kuJune isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini kanti eyakulo nyaka ingenelwe ngabasubathi abawu-24 000 abaphuma kuwona wonke amagumbi omhlaba.

I-32Gi inezinto eziningi ezisiza abasubathi uma bezilungiselela ukuya kogijima nokunye kokuthiba izinhlungu ngemuva kokugijima. I-32Gi ingenye yeziphuzo ezithandwa ngabasubathi abaningi.


Phakathi kwezikhuthazi eziphethwe ngabe-32G1 yi-energy bars, yi-protein recovery nutrition, yi-anti-cramp nezinye eziningi.
Umsunguli we-32Gi uMark Wolff uthi bajabule kakhulu ngobudlelwano babo neComrade.

“Iziphuzo zethu zithokozelwa ngabasubathi abaningi. Abanye ziyabasiza ukukwazi ukumelana nobunzima balo mjaho,” kusho uWolff.


USihlalo weCMA uMqondisi Ngcobo uthe imikhiqizo yakwa32Gi iyabasiza kakhulu abagijimi, ibanika amandla okuba bakwazi ukuqeda iComrades.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...