Ilanga News
Home 9 Featured 9 Inkantolo ichithe iMK Party ngesimangalo sokhetho lwango-2024

Inkantolo ichithe iMK Party ngesimangalo sokhetho lwango-2024

by | 26 September 2026

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithwe yiNkantolo yoKhetho esimangalweni sawo, ukhala ngokuthi ukhetho lukahulumeni kazwelonke nezifundazwe lwango-2024 lwalungenabulungiswa, futhi lungakhululekile.

I-MKP iye kule nkantolo ngezinsolo zokuthi kunobugebengu obenzeka ngesikhathi kubalwa amavoti ngemishini yakwa-IEC. Leli qembu belingenankinga ngamavoti ayebalwa ngesandla, kodwa belikhala ngabalwe ngemishini, njengoba lithi kunesikhathi lapho yacisha khona imishini, kwaze kwaphela amahora amabili, okwenza kube nezinsolo zokuthi ayesekhwatshaniswa.

Ngaphambi kokuba likhiphe isinqumo ijaji uLR Adams, kulandwe ochwepheshe abaqonda ukusebenza kwemishini yakwa-IEC. Ebufakazini babo bakucacisile ukuthi akukho okwaphazamiseka ngokubalwa kwamavoti ngomshini. Bathe ngesikhathi kuba nobuhixihixi, kwakuphazamiseke ukuvezwa kwezithombe kumathelevishini akwa-IEC kuphela, kodwa akukho okwakuphazamisekile emshinini owawubala.

Nababegade ukubalwa kwawo kuthiwa babekwazi ukubona okwenzekayo, yize kwakucishile kumathelevishini.
Iphawula ngalesi sinqumo i-IEC, ithe iyasemukela futhi isamile ekuzibophezeleni okhethweni olunobuqiniso nolukhululekile.

Inkantolo yokhetho ikhipha lesi sinqumo nje, ne-ANC ifake isicelo sokubuyekeza isinqumo ngokuchithwa yile nkantolo ekwehlulekeni kwayo ukubhalisa amakhansela angu-181 obekumele angenele ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi (November) nonyaka.

Ezisematheni

I-Action SA ithembisa ukuvuselela ingqalasizinda komasipala

I-Action SA ithembisa ukuvuselela ingqalasizinda komasipala

UMENGAMELI we-Action SA, uMnu Herman Mashaba uthi ayihlome ihlasele ngokhetho loHulumeni baseKhaya, njengoba ekhala ngokufa kwengqalasizinda yomphakathi athi bafuna ukuyivuselela komasipala uma benikwa ithuba. UMashaba ukusho lokhu ebethula umqulu wezethembiso...

Usale enkundleni obesolwa kwelokubulawa kwamaphoyisa amabili

Usale enkundleni obesolwa kwelokubulawa kwamaphoyisa amabili

KUDUTSHULWE kwabulawa oyedwa wabalisa abayanyaniswa nesigameko sokubulawa kwamaphoyisa ophiko lweCrime Intelligence. Lo mlisa ulahlwe ngelakubo ngesikhathi ethole phezulu namaphoyisa ngenganono endaweni yaseMaplazini, eNanda, ngoLwesihlanu ekuseni. Amaphoyisa...

Iyaqonga ingcindezi yokubeka uCele amacala

Iyaqonga ingcindezi yokubeka uCele amacala

IKOMIDI lasePhalamende elilalela izinsolo zokugxambukela kosopolitiki, ekusebenzeni kwezinhlaka zomthetho, linengcindezi yokubeka owayengungqongqoshe wamaphoyisa, uMnu Bheki Cele, amacala. Leli komidi libekelwe umhla ka-30 kuMfumfu (October), ukuphothula umsebenzi...