
AMAPHOYISA asekuqinisekisile ukuthi bewungamamphunge umbiko wokuthi kunebhomu esikhumulweni sezindiza iKing Phalo KuGompo, e-Eastern Cape, namuhla ngoLwesithathu.
Amaphoyisa ophiko lweziqhumane KuGompo abizwe wuphiko lwezokuphepha esikhumulweni, luthi lulunywe indlebe ngumuntu thizeni elubikela ukuthi kunebhomu kulesi sikhumulo sezindiza.
“Ngokolwazi esilutholile, lolu cingo beluvela enombolweni efihliwe (private). Kube sekusebenza ngokuhlanganyela uphiko lweziqhumane olusebenza ngezinja, ezokuphepha esikhumulweni, izicishamlilo, abosizo lokuqala nomxoxi uma kunokuthumba. Bonke abagibeli, abashayeli bebhanoyi nezisebenzi bakhishiwe kule ndiza, yabe isihlolwa.
“Kuhlolwe nazo zonke izikhwama, ngenhlanhla kwatholakala ukuthi akukho ziqhumane noma izinto ezisolisayo neziyingozi. Kube sekuvulwa icala lokwephula umthetho i-Explosives Act ngokuqamba amanga ngokuthi kunebhomu. Amaphoyisa azophenya ukuthi ngubani owenze lokhu,” kusho isitatimende samaphoyisa.
Abe esexwayisa umphakathi ngokuthi kuyicala elibomvu ukuqamba amanga uthi kunebhomu, elingakugweba iminyaka engafika kweyishumi. Kunxuswe abantu ukungasabalalisi ulwazi olungaqinisekiwe.







