
INKAKHA yomlingisi uLerato Mvelase (osesithombeni), ithi ithuba lokuba ngumsakazi kwiPower FM, lifike ngesikhathi esifanele.
Le ntokazi ithi kudala yaba nothando lokuba ngumsakazi, kepha uNkulunkulu ubenohlelo olwehlukile.
“Ngesikhathi sama-90s, bengi-ke ngithumele ama-demo ezite-shini zomsakazo esingabala kuzona iYFM neMetro FM, ngethemba lokuphumelela, kodwa kwangaba njalo. Okusho ukuthi kwakungakabi yisikhathi, ngabe sengiqoka ukugxila kokungisebenzelayo,” esho.
Uthi uthando lokuxoxisana nabantu ngezinto ezahlukene, kudala lwaba khona, kodwa wukuthi lwaqala ukuqhamuka ngomabonakude, njengoba eke wethula uhlelo, iKaelo-Stories of Hope neSengikhathele.
Lo mlingisi uthi uyakujabulela ukuthola ithuba lokuba semsakazweni, futhi lifike esezinzile ngokwempilo.
“Leli thuba lifike sengize ngakhohlwa, kodwa lifika ngesikhathi esifanele. Manje sengiyaqonda ukuthi amadlozi akithi noNkulunkulu bebengiqeqeshela ini,” esho.
“Ngesikhathi kufika izindaba zokuthi sengizosebenza emsakazweni, umama wabela-ne nami iZwi elithi: ‘Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo, niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela’.
“Kwesinye isikhathi uze uzibuze ngemizamo yakho engaphumeleli, kanti uJehova usakuhlelela,” esho.
ULerato owaziwa ngokuli-ngisa emidlalweni esingabala kuyo iHome Affairs, Isibaya, iThe Estate, yi-Intersexions, iSaint and Sinners neminye, uzokwethula uhlelo iPower Perspective, The Sunday Edition, njalo ngeSonto ngo- 21h00 ebusuku.
Uthi unethemba lokuthi abalaleli bazomamukela ngezandla ezifudumele, njengoba naye elangazelele ukuba yingxenye yabo.
“Nginethemba lokuthi leli thuba ngizolisebenzisa nge-ndlela okuyiyo, nabalaleli baqonde ngesizobe sikwenza sindawonye,” ephetha.







