Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 ISekhukhune ithole abadlali emqhudelwaneni kaMasipala uMfolozi

ISekhukhune ithole abadlali emqhudelwaneni kaMasipala uMfolozi

by | 17 August 2026

ISEKHUKHUNE United egijima kwiBetway Premiership ivundulule abadlali abayisithupha kwiBV Mthethwa Mayoral Tournament ebingempelasonto, ihlelwe wuMasipala uMfolozi.

UThemba Sithole oyiTechnical Director aphinde abe yinhloko yabahlwayi beSekhukhune, uthe: “Kunabadlali abayisithupha esizohamba nabo esibathole kulo mqhudelwano. Kuzokuthi maduze abanye babo babonakale eqenjini lethu elikhulu, okanye kwiDDC, abanye badlale ekilabhini yethu ye-ABC Motsepe League.

“Ngaphandle kwalaba badlali esizohamba nabo, bakhona abanye abawu-22 esibahlonzile okuzokuthi ngoJanuary sibathathe bazoziqeqesha neqembu. Benginovala ngiqala ukuza lapha ngoba kukhona iMilford neRichards Bay abadlala kwiPremeirship. Bengithi ngeke sithole lutho. Nanyakenye besiyingxenye yalo mqhudelwano, sahamba sibambe ongenzansi ngenxa yethalente elikule ndawo.”

Laba badlali bajoyina abanye abayisikhombisa asebevele bephambili kwiSekhukhune abahlonzwe khona lapha eMfolozi. Uma singena kumqhudelwano, iqembu laku-ward 1 lidle umhlanganiso, lakhala lemuka no-R130 000, u-ward 9 olale isibili wathola u-R60 000, kanti u-ward 10 ulale isithathu, wathola u-R30 000.

Kwi-netball abaphume phambili wu-ward 10, wathola u-R50 000, abalale isibili u-ward 14 wathola R20 000, olale isithathu u-ward 13, wathola u-R10 000.

KwiLadies Football u-ward 6 uphume isithathu wathola u-R3000, u-ward 3 ulale isibili wathola u-R5000, kanti abaphume phambili kube wu-ward 5 ,othole R10 000.

Kule midlalo osomabhizinisi abasathuthuka bathole ithuba lokudayisa kanti bekuqashwe umculi oyedwa osathuthuka i-wadi ngayinye. IMeya yaseMfolozi uMnu Xolani uBhengu ubonge abaxhasi bale midlalo uStandard Bank, i-Aquelle kanye neSekhukhune United. Unxuse amaqembu alapha ekhaya asesigabeni seBetway Primiership ukuba asondele nawo kule midlalo ngoba eMfolozi likhona ithalente.

Ezisematheni

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...

I-NPA ihoxisa akaKhumalo noMokwele ngokusemthethweni

I-NPA ihoxisa akaKhumalo noMokwele ngokusemthethweni

UPHIKO lwezokushushisa eNingizimu Afrika iNational Prosecuting Authority (NPA) kulindeleke ukuthi luhoxise ngokusemthethweni amacala abebhekene noLt Gen Dumisani Khumalo noBrigadier Dineo Mokwele nabanye abasolwa nabo. UKhumalo nabanye baboshwa ngoNhlangulana nyakenye...