
IBHEKE ukubuyisa izikhathi zayo zenjabulo iMaxed Elite ebeyaziwa ngeMr Price kwiComrades Marathon yanonyaka ezokuba ngeSonto isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini.
Lekibhu ezinze KwaZulu-Natal ingenye yamakilabhu ebigila izimanga kwiComrades Marathon eminyakeni edlule. Kuzokhumbuleka ukuthi ngiyo eyaletha amawele aseRussia kuleli u-Elena no-Olesya abafike bagila izimanga kulo mjaho nabanye abagijimi abaningi.
Kulo lekilabhu ithe ifuna ukwenza kahle kulo mjaho ophethe isiteki sika-R7.6million esizohlukaniselana abasubathi abazokube beyingxenye yawo.
Nonyaka lekilabhu iphethe umsubathi osemnkantshubomvu uCharles Tjiane wase-Alexandra eGoli. Lo msubathi oneminyeka ewu-51 ubudala ubhekwe ngabomvu ukuba enze kahle kulomjaho njengoba ejwayele ukuhlala engene nabokuqala abalishumi. UTjiane uqale ukubamba iqhaza kulo mjaho ngo-2005. Lo msubathi wenze kahle nonyaka edla umhlanganiso kwiLoskop Ultra Marathon 50km ngesikhathi esiwu-2:52 okuyirekhodi labaneminyaka ewu-50 kuya phezulu kuleli.
UMartin Ngwenya weMaxed Elite utshele ILANGA ukuthi bawubheke ngabomvu umjaho wanonyaka. Uthi into abayibhekile ukubonakala kwabagijimi babo kwabokuqala abalishumi kulo mjaho.
“Siyibheke kakhulu iComrades ngeSonto. Sinabasubathi abaningi esizokube sigadla ngabo. Kukhona abaphuma eRussia, eLesotho, eFrance nabakuleli. Kwabakuleli kukhona uCharles Tjiane ohlale engena nabokuqala abalishumi. Wenze irekhodi kwiLoskp 50km ukuzilungiselela iComrades. Ngiyacabanga ukuthi kuzokuba nguyena umsubathi omdala kunabo bonke abazongene kwi-top 10.
“Abanye esibabhekile nguPule Sibeko, uTebogo Sello, uLebenya Nkoka kwabase-Afrika. Kube nguRuel Guillaume waseFrance, uYullia Ryzhankova waseRussia ongene unombolo 10 nyakenye, uNikolia Volkov onqobe iRussia 100km ukubala nje abambalwa,” kusho uNgwenya.






