Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Izikhulu zeDowns zehlukene phakathi ngesitobha

Izikhulu zeDowns zehlukene phakathi ngesitobha

by | 17 November 2024

SENZO SOKHELA

ZEHLUKENE phakathi izikhulu zeMamelodi Sundowns ngodaba lukaRushine De Reuck (28) (osesithombeni) – oyisitobha sayo – ophelelwa yinkontileka kule kilabhu ezobhekana neMagesi FC kowamanqamu weCarling Knockout ngoMgqibelo ngo-18h00 eToyota Stadium, eBloemfontein.

Inkontileka ka De Reuck neDowns iyaphela ngoJune wonyaka ozayo. ILANGA lithole ukuthi izikhulu zeDowns zehlukene phakathi ngodaba lokwelulwa kwenkontileka yakhe. Lo mdlali wajoyina iDowns ngo-2021 esuka kwiMaritzburg United.

Rushine De Reuck of Mamelodi Sundowns during the DStv Premiership 2022/23 match between Mamelodi Sundowns and Supersport United at Loftus Versfeld Stadium in Pretoria on 16 January 2023 ©Samuel Shivambu/BackpagePix

Umthombo weLANGA uthe: “Kunezikhulu ezifuna anikwe enye inkontileka, kanti ezinye zifuna adedelwe. “Kodwa-ke umuntu owukhiye odabeni lwakhe, ngumqeqeshi uManqoba Mngqithi, okunguyena ozonquma.”

Imizamo yokuthola uShupi Nkgadima wezokuxhumana kwiDowns iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungangeni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...