Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kunconywa abase-Afrika ngokwenza ezibukwayo koweDiamond League

Kunconywa abase-Afrika ngokwenza ezibukwayo koweDiamond League

by | 26 May 2025

U-AKANI Simbine uqhubekile nokuzidlela amahlanga enqoba umlenze wesithathu kulandelana koweDiamond League kwi-100m.

UMENGAMELI weConfederation of African Athletics (CAA) uMaloum Kalkaba, okuyinhlangano engamele ezokugijima e-Afrika, useshayele ihlombe abasubathi base-Afrika abebeyibambe emlanzeni wesithathu weDiamond League ngeSonto eRabat, eMorocco.


IDiamond League inemilenze ewu-15 kanti uwodwa vo ogijinywa ezwenikazi i-Afrika. Abasubathi base-Afrika bakukhombisile ukuthi inkunzi kayikhishwa esibayeni sayo njengoba imijaho eminingi inqotshwe ngabalapha kuleli zwekazi.

U-Akani Simbine uqhubekile nokukhonya kwi-100m njengoba edle umhlanganiso ngesikhathi esiwu-9.95, emiswe kabi nguFerdinand Omanyala waseKenya ophethe irekhodi lase-Afrika kuleli banga.


Kwi-800m, uPrudence Sekgodiso ungene isibili kwi-800m eqopha isikhathi esiwu-1:57:52 elandela uTsige Duguma wase-Ethiopia onqobe ngesikhathi esiwu-1:57:42.

UWayde van Niekerk ungene endaweni yesihlanu kwi-200m ngesikhathi esiwu-20.26 kwathi uBenjamin Richardson wangena unombolo 7. UZakithi Nene waKwaZulu-Natal ungene isibili kwi-400m ebeka u-44:46, lapho kunqobe khona uJacory Patterson wase-USA owenze u-44:37.

UZakithi ulokhu eqhubeke njalo nokwenza ngcono isikhathi sakhe se-400m njengoba esuka ku-43:64.


UKalkaba uthe: “Ngijabule kakhulu ngendlela abasubathi base-Afrika abagijime ngayo kulo mqhudelwano. Uma ubheka wonke umqhudelwano, bekunqoba umsubathi wase-Afrika, okuyinto enhle. Ngisakhala namanje ngokuba nomlenze owodwa weDiamond League e-Afrika.

“Kufanele ngabe sinawo omunye obanjelwa eNigeria noma eSouth Afrika. Ngendlela i-Afrika eyenza ngayo, nginethemba lokuthi abadidiyeli balo mqhudelwano bazosibona isidingo sokuwandisa e-Afrika.”

Kusenjalo, uBayana Walaza uqhubekile nokwenza amarekhodi kuleli ebeka u-9.94 kwi-100m esigabeni samajuniya, ephula irekhodi lakhe u-9.99, egijima kwiBoris Hankezovic Memorial Race eZagreb, eCroatia.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...