Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Izikhulu zikahulumeni emjahweni waseKokstad

Izikhulu zikahulumeni emjahweni waseKokstad

by | 26 February 2026

UMPHAKATHI waseHarry Gwala uzoqala ukuzilungiselela iHarry Gwala Marathon ezokuba ngenyanga ezayo nge-MM Fun Run engoMgqibelo eKokstad.

Lo mjaho sekunesikhathi waqala kanti waqalwa ngenhloso yokugqugquzela abantu ukuba bazivocavoce ukuze bahlale beqatha. Kuthiwa waqalwa ngabangani ababememana ngeWhatsApp kwagcina sekuyinto enkulu edobheni.

Kulindeleke ukuba ube sezingeni eliphezulu njengoba uzokube ungenelwe izikhulu zikahulumeni. Phakathi kwazo kukhona  iPhini likaNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda, uSihle Zikalala, uPhumzile Mgcina oyiPhini likaNgqongqoshe Wezokumbiwa Nezinsiza Zikawoyela, uSomlomo weSishayamthetho saKwaZulu-Natali, uNontembeko Boyce, iCEO yeHarry Gwala Development Agency, uQiniso Mnguni  neMeya yaseHarry Gwala uZamo Nxumalo, iMeya yaseKokstad uLwanda Madikizela ukuba izikhulu ezimbalwa ezizokube ziyingxenye yale-Fun Run.

Lo mjaho kuthiwa usukhule kakhulu njengoba ungenelwe ngabasubathi abangaphezulu kuka-400. Abangakabhalisi bazolithola ithuba lokubhalisa kodwa ngeke bazithole izikibha.

Izinhlelo zalo mjaho zethulwa yimenenja kamasipala iKokstad uSipho Zwane ethe bafuna le-Fun Run yabo ukuyibhalisa ibe semthethweni.

“Kuqale abantu bezigijimela nje. Ngenxa yesasa elikhonjiswe ngabantu. Sibone kufanele ukuba lo mbono siwusabalalise ngenhloso yokuthuthukisa ezemidlalo eKokstad. Lo mjaho uzowufukula umnotho wendawo ngendlela okhula mawala ngayo. Ezemidlalo zibalulekile, ziyasiza ukulwa nezifo nokwenza abantu bahlale beqatha. Siyawumema umphakathi ukuba uphelele ngobuningi bawo kule fun run yethu. Abantu abenza ezemidlalo abahlukumezi. Uzosiza ukulwisana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane,”kusho uZwane.

UZwane udlulisa ukubonga kumakhansela ngokwamukela lolu hlelo. Uthi bafuna wenziwe minyaka yonke, ube nesabelomali.

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....