Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho 9 Kubalulekile ukubhekisisa nokuqhathanisa ngaphambi kokuthenga impahla

Kubalulekile ukubhekisisa nokuqhathanisa ngaphambi kokuthenga impahla

by | 30 September 2025

KUKHONA abantu abathenga izinto bese beyazisola ekugcineni, ekubeni sebechithe enkulu imali. Ongoti bathi kubalulekile ukuthi ngaphambi kokuba uthenge yinoma iyiphi impahla uzulazule ezitolo ezahlukene uqhathanisa amanani, izinga, nohlobo lwaleyo mpahla ofuna ukuyithenga lokhu bakubiza ngokuthi yi ‘window shopping’.

Lokhu bathi kusiza ekutheni engathengi into okuzothi ekuhambeni kwesikhathi ufune ukuyibuyisela emuva ngenxa yokuthi isikunika izinkinga. Uma ufuna ukuthenga imoto kubalulekile ukuthenga ibhuku elichaza ngohlobo lwaleyo moto ofuna ukuyithenga. Kunabantu abaqashelwe ukukhangisa nokuthengisa izimpahla, kungaba ifenisha, izimoto, nezimpahla zokugqoka. Kuthiwa qaphela abantu abenza lowo msebenzi “banolimi nesisoka” bangakuyenga uthenge into ozozisola ekuhambeni kwesikhathi uma usuyithengile. Ukwenza i”window shopping” kusiza ekutheni uzinika isikhathi sokuthi ubheke ukuthi impahla oyithengayo angeke ikhinyabeze iphakethe lakho noma kugcine sekufika abantu owayithenga kubo sebezoyilanda.

Ukwenza lokhu kukunika isikhathi sokuqhathanisa ikhwalithi nezinga laleyo mpahla ofuna ukuyithenga. Kunabathengi abathenga izinto ngoba zithengwa ubuthaphuthaphu ngaleso sikhathi (zisefeshinini). “Uma wenza iwindow shopping, uyakwazi ukuqhathanisa amanani ngoba ungena ezitolo ezahlukene futhi uzinika isikhathi sokuqhathanisa nokubheka izinga lezimpahla ohlela ukuzithenga.

Uma kunendali esitolo esithile uyashesha ukuyibona uma ujwayele ukwenza iwindow shopping. Lokhu kusiza ekutheni uthenge impahla ethile namhlanje ngakusasa uzisole ukuthi uyithengeleni, njengoba usubona enye efana nayo ishibhile esitolo esithile. Kuyasiza futhi ukuthi uthenge izinto ozidinga ngempela, ongeke ukwazi ukuphila ngaphandle kwazo njengo kudla kwasekuseni. Umuntu owenza iwindow shopping usuke engenayo inhloso yokuthenga ngalelo langa.

Abantu abayenza ubabona bezula zula enxanxatheleni yezitolo uma behlabe ikhefu emsebenzini noma ngezimpelasonto. Inhloso kusuke kuwukuqhathanisa amanani nokubheka izinto ezisendalini ngaleso sikhathi,” kuchaza uNkz Zama Khuzwayo ongumeluleki wabathengi. Abanye abantu uma befuna ukuthenga izimoto baya kwezinye izifundazwe bayobheka khona, njengabantu abasuka KwaZulu-Natal baye eGauteng ngenhloso yokuthenga izimoto noma izimpahla zokugqoka.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo. UTsakane...

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa, elisamisiwe emsebenzini, uJenene Shadrack Sibiya (osesithombeni), lizobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo lomhla ka-29 kuMandulo (September), liyofaka isicelo sebheyili. USibiya uboshwe ngoMsombuluko, wavela kafushane eNkantolo...