USEVELILE enkantolo owesilisa obekwe icala lokubulala, uNkz Ayabonga Mjilo.
UMnu Mfanafuthi Kunene, uvele enkantolo yeMatshi eThekwini, njengoba eboshwe ngoMgqibelo.
Kuvela ukuthi ubengumphathi waso isisulu esanyamalala ngosuku olwandulela ukhisimusi.
Ukuduka kwaso kukhathaze umndeni waso oze wangena onyakeni omusha umkhondo wakhe ungatholakali.
Ubhekene necala lokubulala, elokuthumba nelokuzama ukudidisa ukusebenza komthetho.
Icala lakhe lihlehliselwe umhla ka-26 ku-February njengoba umbuso usaqhuba uphenyo kanti naye kusalindeleke athole ummeli.